Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 12:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kodwa lowo muntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kepha uMose wayengumuntu omnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 (Umuntu uMose wayemnene kakhulu kunabo bonke abantu ababesemhlabeni.)

Gade chapit la Kopi




UNumeri 12:3
16 Referans Kwoze  

Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.


Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.


Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kwakufanele ukuba nginconywe yinina. Ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu, noma ngingento yalutho.


Ngokuba ngithi angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu.


Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.


kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.


ingani sasingaba namandla okunisinda njengabaphostoli bakaKristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengokuba umdlezane ondla abantwana bakhe.


Kepha mina Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangokuva kukaKristu, mina engithobile phambi kwenu nxa ngikhona, kepha nginesibindi kini nxa ngingekho,


“Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele embongolweni, yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.”


Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.


UJehova uyaphakamisa abathobekileyo; ababi uyabawisa phansi emhlabathini.


UJehova wayesekhuluma ngokuzumayo kuMose naku-Aroni nakuMiriyamu, wathi: “Wozani nina nobathathu etendeni lokuhlangana.” Baphuma bobathathu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite