Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 12:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ifu lasuka phezu kwetende; bheka, uMiriyamu wayesenochoko, enjengeqhwa; u-Aroni wambheka uMiriyamu; bheka, wayenochoko.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ifu laphakama phezu kwethende. Bheka, uMiriyamu wayesenochoko, emhlophe njengeqhwa. U-Aroni waphendukela ngakuMiriyamu, wabona ukuthi usenochoko.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ifu lasuka etabernakele; bheka, uMiriyamu waba nochoko, emhlophe njengeqhwa; u-Aroni wambheka uMiriyamu, bheka, wayenochoko;

Gade chapit la Kopi




UNumeri 12:10
13 Referans Kwoze  

Khumbula akwenzayo uJehova uNkulunkulu wakho kuMiriyamu endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe.


Uchoko lukaNahamani luyakunamathela kuwe nasenzalweni yakho kuze kube phakade.” Wayesephuma yena ebusweni bakhe enochoko, emhlophe njengeqhwa.


UJehova wayishaya inkosi, yaba ngonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwayo, yahlala endlini eyahlukanisiweyo. UJothamu, indodana yenkosi, wayephezu kwendlu ahlulela abantu bezwe.


“Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Noma bekhulisa abantwana babo, nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu; yebo, maye kubo, lapho ngimuka kubo!


UJehova wathi futhi kuye: “Faka isandla sakho esifubeni sakho.” Wayesefaka isandla sakhe esifubeni sakhe; lapho esesikhipha, bheka, isandla sakhe sasinochoko, sinjengeqhwa.


“Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba bakhiphe ekamu* bonke abanochoko, nabo bonke abacucayo, nabo bonke abangcoliswe ngabafileyo,


Kwakukhona esikhaleni sesango abantu abane abanochoko; bathi omunye komunye: “Sihlalelani lapha size sife na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite