Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 11:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UJehova wehla ngefu, wakhuluma kuye, wathabatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angamashumi ayisikhombisa; kwathi umoya esahlezi kuwo, aprofetha, kepha awaze akuphinda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 USimakade wehla ngefu, wakhuluma naye. Wathatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angama-70. Kwathi ukuba umoya uhlale kuwo, aphrofetha, kodwa awaphindanga akwenza lokho futhi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 INkosi yehla ngefu, yakhuluma kuye, yathatha okoMoya ophezu kwakhe, yakunika amalunga angamashumi ayisikhombisa; lapho uMoya uhlezi phezu kwabo, baprofetha, kodwa abazange bayeke.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 11:25
28 Referans Kwoze  

Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.


Lapho sebefike khona entabeni, bheka, iviyo labaprofethi lahlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo.


UJehova wehla esensikeni yefu, wema ngasemnyango wetende, wabiza o-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili.


ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.


Esembonile amadodana abaprofethi aseJeriko ayemalungana naye, athi: “Umoya ka-Eliya uhlezi phezu kuka-Elisha.” Afika ukumhlangabeza, akhothamela phansi phambi kwakhe.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


imimoya yabaprofethi ithobela abaprofethi;


Kwasukuma omunye kubo ogama lakhe lingu-Agabu, wakhomba ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enzima ezweni lonke; yaba khona emihleni kaKlawudiyu.


Wakhuluma kubo esensikeni yefu; bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona.


Ngokuba ifu likaJehova laliphezu kwetabernakele emini, nomlilo wawukulo ebusuku emehlweni ayo yonke indlu yakwa-Israyeli ezinkambeni zabo zonke.


UJehova wehla ngefu, wema naye lapho, wamemezela igama likaJehova.


UJehova wathi kuMose: “Zithabathele uJoshuwa indodana kaNuni, umuntu onomoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,


UMoya kaJehova wayephezu kwakhe, wahlulela u-Israyeli, waphuma impi, uJehova wanikela uKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi esandleni sakhe; isandla sakhe samahlula uKushani Rishatayimi.


Abantu bakhe base bekhumbula izinsuku zakuqala zikaMose, bathi: Uphi yena owabakhipha elwandle kanye nabelusi bomhlambi wakhe, na? Uphi yena owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,


Kwakumi phambi kwabo abantu abangamashumi ayisikhombisa bamalunga endlu yakwa-Israyeli, naphakathi kwabo uJahazaniya indodana kaShafani, kwaba yilowo nalowo enomcengezi wakhe womlilo esandleni sakhe, nephunga lefu lempepho lenyuka.


Nokho uma ubathethelela isono sabo; kepha uma ungabathetheleli, ake ungesule encwadini yakho oyilobileyo.”


UMose wavuka waya kuDathani naku-Abiramu; amalunga akwa-Israyeli amlandela.


UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.


Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa; awugodlanga imana* lakho emilonyeni yabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite