Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 11:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 UJehova wathi kuMose: “Isandla sikaJehova sifinyele na? Usuyakubona uma izwi lami liyakwenzeka kuwe noma qha.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 USimakade wathi kuMose: “Ngabe isandla sikaSimakade sifinyeziwe, asisenamandla na? Manje-ke nizakubona ukuthi izwi lami liyafezeka kini noma qha.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 INkosi yasisithi kuMozisi: Isandla seNkosi sifitshane yini? manje uzobona ukuthi izwi lami lizakuza kuwe noma qha.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 11:23
21 Referans Kwoze  

Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi, nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa.


Ngalokho ekufikeni kwami kwaba ngani ukuba kungabikho muntu, nasekubizeni kungabikho ophendulayo, na? Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa, ukuze singahlengi na? Noma angisenamandla okophula na? Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane; izinhlanzi zalo ziyanuka, ngokuba awakho amanzi, ziyafa ukoma.


Ngokuba mina Jehova ngiyakukhuluma izwi engiyakulikhuluma, lenzeke, lingabe lisalitshaziswa, ngokuba ezinsukwini zenu nina ndlu ehlubukayo ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, isho iNkosi uJehova.’ ”


uNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga, nandodana yomuntu ukuba azisole; ushilo, angayikukwenza, na? Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?


Kukhona into emahlula uJehova na? Ngalesi sikhathi emva komnyaka ngiyakubuyela kuwe, uSara abe nendodana.”


Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”


Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”


“ ‘Mina Jehova ngikukhulumile; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyikuyekela, angiyikuhawukela, angiyikuzisola; bayakukwahlulela njengezindlela zakho nezenzo zakho, isho iNkosi uJehova.’ ”


Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe, ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile; yizenzo zakhe lezi na? “Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho?


Babuye bamlinga uNkulunkulu, bamdabukisa oNgcwele ka-Israyeli.


Induna inkosi eyencika esandleni sayo yaphendula umuntu kaNkulunkulu, yathi: “Bheka, uma uJehova enza amafasitele ezulwini, le nto ingenzeka kanjani na?” Wathi: “Bheka, uyakukubona ngamehlo akho, ungadli kukho kodwa.”


Bayakuhlatshelwa izimvu nezinkomo ukuba zibanele na? Noma bayakubuthelwa yini izinhlanzi zonke zolwandle ukuba zibanele na?”


Yini ukuba ube ngumuntu odidekileyo, njengeqhawe elingenakusindisa, na? Nokho uphakathi kwethu, Jehova, sibiziwe ngegama lakho; ungasishiyi.


Kwathi isisondele emphandwini kuDaniyeli, yamemeza ngezwi elikhalayo; inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Daniyeli, wena nceku kaNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakukhulula kuzo izingonyama na?”


UJehova wathi kuMose: “Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe, nangenxa yesandla esinamandla uyakubaxosha ezweni lakhe.”


Kepha isikhonzi sakhe sathi: “Uthini? Ngibeke lokhu phambi kwabantu abayikhulu na?” Wathi: “Banike ukuba badle, ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bayakudla, kusale.’ ”


“E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo


“Bheka, nginguJehova uNkulunkulu wenyama yonke, kukhona okungahlulayo na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite