Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 11:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UMose wathi kuJehova: “Uyiphatheleni kabi inceku yakho na? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo wabo bonke laba bantu phezu kwami na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 UMose wathi kuSimakade: “Ukwenzeleni okubi encekwini yakho na? Kungani ngingafumananga musa emehlweni akho ukuba ungethwese umthwalo wabo bonke laba bantu na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UMozisi wasesithi eNkosini: Uyicindezeleleni inceku yakho? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo walesi sizwe phezu kwami na?

Gade chapit la Kopi




UNumeri 11:11
16 Referans Kwoze  

Mina ngedwa ngingathwala kanjani izinhlupheko zenu, nemithwalo yenu, nokuxabana kwenu na?


UMose wayesebuyela kuJehova, wathi: “Nkosi, wenzeleni okubi kulaba bantu na? Ungithumeleni mina na?


ngaphandle kwezinye izinto kukhona okungicindezelayo imihla yonke: ukukhathalela onke amabandla.


“Nithi: ‘Kuyize ukukhonza uNkulunkulu; kuyinzuzoni ukuthi sigcinile imfanelo yakhe nokuthi sihambe ngokukhedamisa phambi kukaJehova Sebawoti na?


Yini ukuba ubuhlungu bami bube khona njalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na?


Maye kimina, mame, ukuthi ungizalile, ngibe ngumuntu wokuphikisana nokuxabana emhlabeni wonke! Angibizanga inzalo, futhi akubizwanga inzalo kimi, nokho bayangiqalekisa bonke.


Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba akukho muntu okhona olungile emehlweni akho.


Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?


Ngiyakusho kuNkulunkulu ukuthi: ‘Ungangilahli; ngazise ukuthi uphikisanelani nami na?


Uma ungiphatha kanje, ake ungibulale nokungibulala, uma ngifumene umusa emehlweni akho; mangingaluboni usizi lwami.”


UMose wayesekhala kuJehova, ethi: “Ngizakwenzani kulaba bantu na? Sekukancane ukuba bangikhande ngamatshe.”


UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo, kwaba yilowo nalowo muntu ngasemnyango wetende lakhe; intukuthelo kaJehova yavutha kakhulu; kwakukubi emehlweni kaMose.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite