Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 10:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Abantwana bakwa-Israyeli bahamba ngokulandelana kanjalo ngamabandla abo; base besuka-ke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 Leyo yiyona ndlela abantu bakwa-Israyeli ababehamba ngayo ngesikhathi besuka ngokwamaqembu abo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Zazinjalo-ke uhambo lwabantwana bakwa-Israyeli ngamabandla abo ekukhuphukeni kwabo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 10:28
9 Referans Kwoze  

Benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli: njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, kanjalo bamisa ngasemabhaneleni* abo, kanjalo basuka, kwaba yilowo nalowo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise.


Ngokuba noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona kini ngomoya ngithokoza, ngibona inhlelo yenu nokuqina kokukholwa kwenu kuKristu.


Kepha konke makwenziwe ngemfanelo nangenhlelo.


ngokuba uNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula. Njengokuba kunjalo emabandleni onke abangcwele,


Ngubani lo olunguza njengokusa, emuhle njengenyanga, ecwebile njengelanga, kepha esabeka njengezimpi, na?


Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaNafetali kwakungu-Ahira indodana ka-Enani.


UMose wathi kuHobabi indodana kaRehuweli wakwaMidiyani, umukhwe kaMose: “Siya endaweni ashilo ngayo uJehova, wathi: ‘Ngiyakuninika yona.’ Woza wena, uhambe nathi, siyakukwenzela okuhle, ngokuba uJehova ukhulumile okuhle ngo-Israyeli.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite