Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 1:53 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

53 Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele* lobufakazi, ukuze kungabikho lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

53 AbaLevi bayomisa amathende abo azungeze ithabanakeli lobufakazi, ukuze ulaka lungehleli phezu kwenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. AbaLevi bayakufeza yonke imisebenzi yokuqapha ithabanakeli lobufakazi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

53 Kodwa amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele lobufakazi, funa kufike ulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli; amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lobufakazi.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 1:53
26 Referans Kwoze  

UMose wathi ku-Aroni: “Thatha umcengezi wakho womlilo, ubeke kuwo umlilo wase-altare, ufake impepho ngaphezulu, ukuyise masinyane kuyo inhlangano, uyenzele ukubuyisana, ngokuba kuphume intukuthelo kuJehova; isifo sesiqalile.”


bayakugcina imfanelo yetende lokuhlangana, nemfanelo yendawo engcwele, nemfanelo yamadodana ka-Aroni abafowabo ekukhonzeni endlini kaJehova.


UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Itamari amadodana akhe: “Ningathukululi izinwele zamakhanda enu, ningaklebhuli izambatho zenu ukuba ningafi, ingathukuthelelwa yonke inhlangano, kepha abafowenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, mabalilele ukushisa akuphembileyo uJehova.


yebo, kule nxenye yabantwana bakwa-Israyeli uMose wathatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu nawezilwane, wakunika amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli wothabatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova.”


Ngiwanikile amaLevi abe yisipho sika-Aroni nesamadodana akhe esivela kubantwana bakwa-Israyeli ukusebenza umsebenzi wabantwana bakwa-Israyeli etendeni lokuhlangana nokwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabikho sifo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lapho abantwana bakwa-Israyeli besondela endlini engcwele.”


Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti ngabaprofethi, uthi: “Bheka, ngiyakubanika ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo, ngokuba ukungabi naNkulunkulu kuphume kubaprofethi, kwaya ezweni lonke.”


Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?


“Kepha thina, uJehova unguNkulunkulu wethu; asimshiyanga; sinabapristi abamkhonzayo uJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi emisebenzini yabo;


Wabulala abantu baseBeti Shemeshi, ngokuba babebukile umphongolo kaJehova; wabulala kubantu amadoda angamashumi ayisikhombisa emadodeni ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu; abantu balila, ngokuba uJehova wabulala abantu ngokubulala okukhulu.


Labo abamisa phambi kwetabernakele* ngasempumalanga, ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga, bayakuba ngoMose no-Aroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwa-Israyeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.


kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele* lobufakazi, naphezu kwazo zonke izimpahla zalo, nakho konke okwalo; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe.


Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo; benza kukho konke njengalokho uJehova emyalile uMose.


Itende lokuhlangana liyakusuka kanye nekamu lamaLevi, liphakathi kwamakamu; njengalokhu bemisa, kanjalo bayakusuka, kube yilowo nalowo muntu endaweni yakhe, ngamabhanela* abo.


Imindeni yamaGereshoni iyakumisa emva kwetabernakele* ngasentshonalanga.


Imindeni yamadodana kaKohati iyakumisa eceleni kwetabernakele* ngaseningizimu.


Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaMerari sasinguSuriyeli indodana ka-Abihayili; bayakumisa eceleni kwetabernakele* ngasenyakatho.


UMose wazibeka izintonga phambi kukaJehova etendeni lobufakazi.


kuyinto encane yini kini ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli unahlukanisile nenhlangano ka-Israyeli, wanisondeza kuye ukwenza inkonzo yetabernakele* likaJehova nokuma phambi kwenhlangano ukuyikhonza,


bamshisela uJehova iminikelo yokushiswa nempepho ethaphukayo ekuseni nakusihlwa njalo, basihlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo, bokhela uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo kusihlwa njalo, ngokuba thina sigcina imfanelo kaJehova uNkulunkulu wethu, kepha nina nimshiyile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite