Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 1:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kanye nani kuzakuba khona indoda ibe nye kuleso naleso sizwe, yileyo naleyo ibe yinhloko yendlu kayise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Kuleso naleso sizwana niqoke umuntu abe munye, abe yinhloko yendlu yokhokho bakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kuyakuba nawe indoda esizweni; yilowo nalowo inhloko yendlu yawoyise.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 1:4
19 Referans Kwoze  

Yilabo ababebizwa enhlanganweni, izikhulu zezizwe zawoyise; babe yizinhloko zemizi yakwa-Israyeli.


UMose wakhetha amadoda anamandla phakathi kuka-Israyeli wonke, wawabeka aba yizinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduma zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


nezikhulu eziyishumi kanye naye, isikhulu sibe sinye ngendlu kayise ezizweni zonke zakwa-Israyeli, yileso naleso siyinhloko yendlu kayise phakathi kwemindeni yakwa-Israyeli.


“Ngase ngithatha izinhloko zezizwe zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawenza aba yizinhloko phezu kwenu: izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi, neziphathimandla ezizweni zenu.


Igama lendoda yakwa-Israyeli eyabulawa, eyabulawa kanye nowesifazane wakwaMidiyani, lalinguZimri indodana kaSalu, isikhulu sendlu kayise phakathi kwabakwaSimeyoni.


UJehova wathi kuMose: “Thabatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyekele uJehova elangeni, ukuze intukuthelo evuthayo kaJehova ibuye ku-Israyeli.”


Uyakuloba igama lika-Aroni entongeni kaLevi, ngokuba kuyakuba yintonga inye kuleyo naleyo nhloko yezindlu zawoyise.


Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


UMose wayesekhuluma kuzo izinhloko zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli, ethi: “Yilokhu uJehova ayale ngakho ukuthi:


Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa-Israyeli nezinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli enkosini uSolomoni eJerusalema, ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.


Yilabo ababalwayo, ababalwa nguMose nangu-Aroni kanye nezikhulu zakwa-Israyeli, zingamadoda ayishumi nambili, kwaba yileyo naleyo yamela indlu kayise.


OMose no-Aroni nezikhulu zenhlangano babala amadodana amaKohati ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise,


izikhulu zakwa-Israyeli, izinhloko zezindlu zawoyise zanikela; lezo zaziyizikhulu zezizwe, zazibekwe phezu kwababalwayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite