Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 1:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kubantwana bakwaSimeyoni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Abozalo lukaSimeyoni, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kubantwana bakwaSimeyoni, izizukulwane zabo ngezizukulwane zabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo ngenani lamagama, ngokwezinhlu zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili ubudala. Nangaphezulu, bonke abangaphuma impi;

Gade chapit la Kopi




UNumeri 1:22
11 Referans Kwoze  

Amadodana kaSimeyoni: ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule, indodana yowesifazane waseKhanani.


Wabafulathela, wakhala; wabuye waphendukela kubo, wakhuluma nabo; wayesemsusa uSimeyoni phakathi kwabo, wambopha phambi kwamehlo abo.


Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “Lokhu uJehova ezwe ukuthi ngiyazondwa, ungiphile nalena futhi,” waqamba igama layo ngokuthi uSimeyoni.


labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaRubeni, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nesithupha namakhulu ayisihlanu.


labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaSimeyoni, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesishiyagalolunye namakhulu amathathu.


Makabongwe uJehova, idwala lami, ofundisa izandla zami ukuhlasela neminwe yami ukulwa,


esizweni sakwaSimeyoni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaLevi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwa-Isakare abayizinkulungwane eziyishumi nambili,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite