Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 1:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama abo, bonke abesilisa ngezinhloko zabo;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Bala yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho, ngokwenani lamagama, bonke abesilisa ngezinhloko zabo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Balani inani lenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise, nenani lamagama abo, bonke abesilisa ngemindeni yabo;

Gade chapit la Kopi




UNumeri 1:2
16 Referans Kwoze  

kwaba yilowo nalowo wanikela ngebeka* eliyinxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele kubo bonke abadlulela kwababaliweyo abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.


“Nxa ubala inani labantwana bakwa-Israyeli ngokwalabo ababalwayo, yilowo nalowo kubo makathele kuJehova ihlawulo lomphefumulo wakhe, lapho ubabalayo, ukuba kungabikho sifo phakathi kwabo, nxa ubabala.


Babutha inhlangano yonke ngolokuqala lwenyanga yesibili, basho okhokho babo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezinhloko zabo.


Kubantwana bakwaSimeyoni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:


Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamesesi, bafika eSukoti, kungathi abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha behamba phansi, bengamadoda ngaphandle kwabantwana.


Isiliva lababebalwa esizweni lalingamatalenta* ayikhulu namashekeli* ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele,


Njengalokho uJehova eyalile uMose, wababala kanjalo ehlane laseSinayi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite