Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 9:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 AmaLevi oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHashabineya, noSherebiya, noHodiya, noShebaniya, noPhethahiya athi: “Sukumani nimbonge uJehova uNkulunkulu wenu kusukela phakade kuze kube phakade. “Malibongwe igama lakho elikhazimulayo, eliphakanyisiwe ngaphezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 AbaLevi: uJeshuwa, uKadimiyeli, uBhani, uHashabhineya, uSherebhiya, uHodiya, uShebhaniya noPhethahiya, bama kwenye indawo ephakeme, bamemeza bathi: “Sukumani nidumise uSimakade uNkulunkulu wenu, kusukela phakade, kuze kube phakade.” “Malibongwe iGama lakho elidumisekayo neliphakeme phezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Khona-ke amaLevi, oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHasabhinja, noSherebja, noHodija, noSebanja, noPhetaja, bathi: “Sukumani nimdumise uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube phakade naphakade, negama lakhe elitusekayo eliphakeme ngaphezu kwazo zonke izibusiso nodumo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 9:5
36 Referans Kwoze  

Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo,


Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.


Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane;


Baphendulana ngokumdumisa nangokumbonga uJehova, bathi: “Ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade phezu kuka-Israyeli.” Bonke abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu ekumdumiseni kwabo uJehova, ngokuba isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe.


Ngalokho, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyadumisa igama lakho elitusekayo.


Ngisaphila ngiyakumdumisa uJehova, ngihube kuNkulunkulu wami ngisekhona.


Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakho nangezimangaliso zakho.


Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade.


Bhekani, nibonge uJehova nina nonke zinceku zikaJehova enimi endlini kaJehova ebusuku.


Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova, azwakalise lonke udumo lwakhe, na?


Ngithi kuJehova: “Wena uyiNkosi yami; anginakho okuhle ngaphandle kwakho.”


AmaLevi abantwana bamaKohati nawabantwana bamaKorahi asukuma ukumdumisa uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezwi elikhulu kakhulu.


Wonke uJuda wayemi phambi kukaJehova, nezingane zabo, nawomkabo, namadodana abo.


UDavide wathi kulo lonke ibandla: “Ake nibonge uJehova uNkulunkulu wenu.” Lonke ibandla lambonga uJehova uNkulunkulu wawoyise, lakhothama, lakhuleka kuJehova nasenkosini.


Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.


“Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na?


USolomoni wema phambi kwe-altare likaJehova ebusweni balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,


Inkosi yayisiphenduka, yalibusisa lonke ibandla lakwa-Israyeli, lonke ibandla lakwa-Israyeli, lalimi.


“Uma ungaqapheli ukuwenza onke amazwi alo mthetho alotshiwe kule ncwadi ukuba ulesabe igama lakhe elidumisekayo nelesabekayo elithi UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO,


“Ngubani onjengawe Jehova phakathi kwawonkulunkulu; ngubani onjengawe okhazimula ngobungcwele, owesabeka ngezibongo, owenza izimangaliso, na?


“Isandla sakho sokunene, Nkosi, sidumisekile ngamandla aso; esokunene sakho, Nkosi, siyaphahlaza isitha.


Yathi: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi:


Kwase kukhwela ezikhwelweni zamaLevi oJeshuwa, noBani, noKadimiyeli, noShebaniya, noBuni, noSherebiya, noBani, noKhenani, bamemeza ngezwi elikhulu kuJehova uNkulunkulu wabo.


Wena unguJehova, wena wedwa. Wenzile izulu, izulu lamazulu nalo lonke ibandla lawo, umhlaba nakho konke okukuwo, izilwandle nakho konke okukuzo, ulonda konke, nebandla lasezulwini likhuleka kuwe.


Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Ubuzelani igama lami, lokhu liyimfihlakalo, na?”


Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Bonke abantu bathi: “Amen,” bamdumisa uJehova.


wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame; ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova.”


Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe, nibabaze ukudunyiswa kwakhe.


Mababonge igama lakho elikhulu nelesabekayo; ungcwele yena.


UDaniyeli wathatha wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu kusukela kwaphakade kuze kube phakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite