Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 9:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Nokho iminyaka eminingi wababekezelela, wabaxwayisa ngoMoya wakho ngesandla sabaprofethi bakho, kepha abezwanga; wawusubanikela esandleni sabantu bezizwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 Wababekezelela iminyaka eminingi, wabexwayisa ngoMoya wakho, wakhuluma ngabaphrofethi bakho, kodwa abakugqizanga qakala lokho, ngakho-ke wabanikela kubantu abakhelene nabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Eminye iminyaka eminingi wababekezelela futhi wafakaza ngokumelene nabo ngomoya wakho kubaprofethi bakho; nokho abalalelanga; ngalokho wabanikela esandleni sabantu bamazwe.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 9:30
34 Referans Kwoze  

Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene, neyokubekezela, neyenyewe yakhe, ungazi ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuyisa ekuphendukeni na?


“Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani.


Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe, no-Israyeli kubo abaphangi, na? Angithi nguJehova, esonile kuye, nabangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe, nabangawulalelanga umthetho wakhe?


ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.


bephenya ukuthi yisiphi nokuba sinjani isikhathi asikhombayo uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngezinhlupheko eziqondene noKristu nangenkazimulo eyakulandela zona;


“ ‘Kwathi njengalokho wamemeza, bona bengezwanga, kanjalo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘bayakumemeza bona, ngingezwa mina.


UJehova wenzile lokhu abekucebile; uligcwalisile izwi lakhe, ayeyale ngalo ezinsukwini zasendulo; ubhidlizile engenasihawu, wenza ukuba isitha sithokoze phezu kwakho, waphakamisa uphondo lwabamelene nawe.


UJehova uthumile kini zonke izinceku zakhe abaprofethi, ebathuma njalonjalo, kepha anilalelanga, anibekanga indlebe ukuba nizwe


Kepha bahlubuka, badabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


wabaxwayisa ukuba ubabuyisele emthethweni wakho, kepha baqholosha, kabayilalelanga imiyalo yakho, kodwa bona ezahlulelweni zakho, okothi uma umuntu ezenza, uyakuphila ngazo, baphendula ihlombe ngenkani, benza lukhuni intamo yabo, abaze bezwa.


“Kepha babengalaleli, bakuhlubuka, balahla nyovane umthetho wakho, bababulala abaprofethi bakho abafakaza ngabo ukubabuyisela kuwe, benza izithuko ezinkulu.


kwathi ukuba bangezwani bodwa, bamuka, uPawulu esekhuluma izwi labalinye lokuthi: “Wakhuluma kahle uMoya oNgcwele ngo-Isaya umprofethi koyihlo


Wababekezelela ehlane kungathi iminyaka engamashumi amane.


UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo, nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.


Kusukela osukwini oyihlo abaphuma ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla ngithumile kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma imihla ngemihla njalonjalo.


Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokuthembeka.


Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa; awugodlanga imana* lakho emilonyeni yabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.


INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.


Kodwa kwasala amadoda amabili ekamu,* igama lenye lalingu-Elidadi, igama leyesibili linguMedadi; umoya wayehlala phezu kwawo; ayephakathi kwalawo alotshiweyo, kepha awayanga etendeni; aprofetha ekamu.


Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane, ngaze ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abazazanga izindlela zami,”


Ngokuba kuyisiyalezelo phezu kwesiyalezelo, isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, umthetho phezu komthetho, umthetho phezu komthetho, lapha ingcosana, nalapho ingcosana.”


Ngenxa yegama lami ngiyakulibazisa intukuthelo yami, ngizibambele wena ngodumo lwami ukuba ngingakunqumi.


Benza izinhliziyo zabo zaba yidayimani,* funa bezwe umthetho namazwi ayewathume uJehova Sebawoti ngoMoya wakhe ngesandla sabaprofethi bokuqala; ngalokho kwavela intukuthelo enkulu ivela kuJehova Sebawoti.


Inkosi yase-Asiriya yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala naseHabori ngasemfuleni waseGozani nasemizini yamaMede,


UJehova wayesekhuluma ngezinceku zakhe abaprofethi, wathi:


Kepha wathuma abaprofethi kubo ukuba bababuyisele kuJehova; babaxwayisa, kepha kababekanga ndlebe.


“Manje siyakuthini, Nkulunkulu wethu, emva kwalokhu na? Ngokuba sishiyile imiyalo yakho


Kepha ngathuma kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngizithuma njalonjalo, ngathi: ‘Maningenzi le nto enengekayo engiyizondayo.’


Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo ukuba babuye ebubini babo, bangashiseli abanye onkulunkulu impepho.


asilalelanga izinceku zakho abaprofethi ezazikhuluma egameni lakho emakhosini ethu, nasezikhulwini zethu, nakobaba, nakubo bonke abantu bezwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite