Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 9:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 nokho wena ngomusa wakho omkhulu awubashiyanga ehlane; insika yefu ayisukanga phezu kwabo emini ukubahola endleleni, nensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 “Nokho awubalahlanga ehlane, ngenxa yobubele bakho obukhulu. Emini insika yefu ayiyekanga ukubahola endleleni yabo, nasebusuku insika yomlilo yaqhubeka yabakhanyisela endleleni yabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kepha awubashiyanga ngobuningi bobubele bakho ehlane; insika yefu ayizange isuke kubo emini ukubaqondisa endleleni; nensika yomlilo ebusuku ukubabonisa ukukhanya nendlela okufanele bahambe ngayo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 9:19
23 Referans Kwoze  

Wabakhumbulela isivumelwano sakhe; waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe.


Wawusubanikela esandleni sezitha zabo ezabahlupha; ngesikhathi sokuhlupheka kwabo sebekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, nangomusa wakho omkhulu wabanika abasindisi ababasindisa esandleni sezitha zabo.


“Ngokuba mina Jehova angiguquki; ngalokho nina madodana kaJakobe aniqedwa.


Wabahola ngensika yefu emini nangensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.


Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.


Kepha kuyo iNkosi, uNkulunkulu wethu, kukhona umusa nokuthethelela; ngokuba simhlubukile,


babatshele abakhe kuleli zwe; bezwile ukuthi wena Jehova uphakathi kwalaba bantu, babonane nawe Jehova ubuso nobuso; ifu lakho limi phezu kwabo, wena uhamba phambi kwabo usensikeni yefu emini nasensikeni yomlilo ebusuku.


Nokho ngabuyisa isandla sami, ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhipha emehlweni azo.


Ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhipha emehlweni azo.


ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli.


“Khumbula lezi zinto, Jakobe, wena Israyeli, ngokuba uyinceku yami; ngikubumbile, uyinceku yami; Israyeli, angiyikukhohlwa.


Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga, awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.


Ngokuba ifu likaJehova laliphezu kwetabernakele emini, nomlilo wawukulo ebusuku emehlweni ayo yonke indlu yakwa-Israyeli ezinkambeni zabo zonke.


Ngokuba uJehova akayikushiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwakukuhle kuJehova ukuzenzela nina nibe ngabantu bakhe.


Njalo lapho ifu lenyuswa etabernakele, abantwana bakwa-Israyeli baqhubekela phambili ezinkambeni zabo zonke.


Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha.


owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Nokho iso lami labahawukela ukuze bangachithwa, angibaqedanga ngokupheleleyo ehlane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite