UNehemiya 9:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE10 wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nasezincekwini zakhe zonke, nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba wazi ukuthi babebaqholoshela, wazenzela igama, njengalokhu kunjalo nanamuhla. Gade chapit laIsiZulu 202010 Wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabo bonke abantu baseGibhithe, ngoba wawazi ukuthi babaphathe ngonya olunjani abantu bakho. Wazakhela igama elisamile kuze kube namuhla. Gade chapit laContemporary Zulu Bible 202410 Wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba nazi ukuthi babezidla kubo. Wazitholela kanjalo igama, njengoba kunjalo nanamuhla. Gade chapit la |
UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uJehova uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?
kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini; balethe izitsha zendlu yakhe phambi kwakho; wena nezinduna zakho, nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo, utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni, abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga.