Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 9:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngosuku lwamashumi amabili nane lwaleyo nyanga abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bazila ukudla benezindwangu zamasaka nothuli phezu kwabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kwathi ngosuku lwama-24, lwaleyo nyanga, abakwa-Israyeli bahlangana ngosuku lokuzila ukudla, bembatha indwangu eyisaka, bazithela ngenhlabathi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngosuku lwamashumi amabili nane lwaleyo nyanga abantwana bakwa-Israyeli babuthana ngokuzila ukudla, bembethe izingubo zokulila nenhlabathi phezu kwakho.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 9:1
22 Referans Kwoze  

U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla, abesilisa nabesifazane nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa.


Sase sizila-ke, sanxusa uNkulunkulu wethu ngalokho, wasizwa.


UJoshuwa waziklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli; bathela uthuli emakhanda abo.


Kwaphuma umuntu wakwaBenjamini empini, wagijima waya eShilo ngalolo suku, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda.


Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawoti yabizela ukukhala, nokulila, nobumpandla, nokubhinca indwangu yamasaka,


Lapho bephakamisa amehlo abo besekude, abamazanga; badazuluka bakhala, baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza amakhanda abo ngothuli beluphonsa phezulu.


“Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani, ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo, ngingene enkosini noma kungengamthetho; uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Kuzo zonke izifunda lapho kwafika khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba khona ukulila okukhulu phakathi kwabaJuda, nokuzila ukudla nokukhala ngezinyembezi, nokulila; abaningi balala phansi bembethe izindwangu zamasaka nomlotha.


UJehoshafati wayeseshaywa luvalo, wabhekisa ubuso bakhe ukumfuna uJehova, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke lwakwaJuda.


Ngosuku lwamashumi amabili nantathu lwenyanga yesikhombisa wabamukisa abantu baya ematendeni abo, bethokoza benezinhliziyo ezenamileyo ngobuhle uJehova abenzele oDavide noSolomoni no-Israyeli abantu bakhe.


kwathi-ke ngosuku lwesithathu, bheka, kwaphuma umuntu ekamu* likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda, wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.


Base bekhuphuka bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu bonke, bafika eBethele, bakhala, bahlala khona phambi kukaJehova, bazila ukudla ngalolo suku kwaze kwahlwa; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.


“ ‘Kepha ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa, lapho senibuthile izithelo zezwe, anogcina umkhosi kaJehova izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lokuqala makube ngukuphumula okuzothileyo, nangosuku lwesishiyagalombili kube ngukuphumula okuzothileyo.


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga yesikhombisa kungumkhosi wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa kuJehova.


Ngiyakubanika ofakazi bami ababili ukuba baprofethe izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha bembethe indwangu yamasaka.”


Babuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kukaJehova, bazila ngalolo suku, bathi khona: “Sonile kuJehova.” USamuweli wahlulela abantwana bakwa-Israyeli eMispa.


Ngase ngimemezela khona ukuzila ukudla ngasemfuleni i-Ahava ukuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu, sizifunele kuye indlela emhlophe, thina nabantwana bethu, nemfuyo yethu yonke.


“Kepha manje,” usho uJehova, “phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke, nangokuzila ukudla, nangokukhala, nangokulila.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite