Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 8:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Abantu bonke bahamba ukuba badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babeqondile amazwi ababewazisiwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Bonke abantu bahamba bayokudla, baphuza, bapha abantulayo ukudla, bajabula kakhulu, ngokuba babekuzwile abakutshelwayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Bonke abantu bahamba ukuze badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babewaqonda amazwi ababeshunyayelwa kuwo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 8:12
25 Referans Kwoze  

Ngiyalangazelela insindiso yakho, Jehova; umthetho wakho uyintokozo yami.


Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?”


Umlomo wami mawuchichime indumiso, ngokuba uyangifundisa izimiso zakho.


Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.


Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide, yebo, kunegolide elicwengekileyo.


Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami.


Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.


Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva.


Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho.


Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.


Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.


Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, kungukuthi enyameni yami, akuhlali okuhle; ngokuba intando ikhona kimi, kodwa ukwenza okuhle akukho,


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.


Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelane izipho, ngokuba laba baprofethi ababili babebahluphile abakhileyo emhlabeni.


Wayesethi kubo: “Hambani nidle okunonileyo, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho, ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.”


AmaLevi ayesethulisa abantu bonke, ethi: “Thulani, ngokuba lolu suku lungcwele; ningadabuki.”


Ngosuku lwesibili kwabuthana izinhloko zawoyise babantu bonke, nabapristi, namaLevi ku-Ezra umbhali ukuba baqaphele amazwi omthetho.


njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulileni kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu.


badla, baphuza phambi kukaJehova ngalolo suku ngokuthokoza okukhulu. Bambeka uSolomoni indodana kaDavide inkosi ngokwesibili, bamgcobela uJehova ukuba abe ngumholi, uSadoki abe ngumpristi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite