Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 7:70 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

70 Ezinye izinhloko zanikelela umsebenzi; umbusi wanikelela isikhwama amadarike* ayinkulungwane egolide, nezitsha ezingamashumi ayisihlanu, nezambatho zabapristi ezingamakhulu ayisihlanu namashumi amathathu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

70 Ezinye zezinhloko zemindeni zanikela esikhwameni sokwenza umsebenzi. Umbusi wanikela esikhwameni ngamadarike egolide ayinkulungwane, imicengezi engama-50, nezingubo zokugqoka zabaphristi ezingama-530.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

70 Abanye bezinhloko zawoyise banikela emsebenzini. Umbusi wanikela endaweni yengcebo amadarike egolide ayinkulungwane, nezitsha ezingamashumi ayisihlanu, nezambatho zabapristi ezingamakhulu ayisihlanu namashumi amathathu.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 7:70
15 Referans Kwoze  

UNehemiya owayengumbusi, no-Ezra umpristi nombhali, namaLevi ayebafundisa abantu, bathi kubantu bonke: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; ningalili, ningakhali.” Ngokuba bonke abantu bakhala, lapho bezwa amazwi omthetho.


Izindebe, nemicengezi yomlilo, nezitsha, namakhanzi, nezinti zezibani, nezinkezo, nezinkamba, okwegolide lodwa nesiliva lodwa, nalokho induna yabalindi yakuthatha.


Abanamathelisa nampa: uNehemiya umbusi, indodana kaHakaliya, noSedekiya,


Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele, kuze kuvele umpristi one-Urimi neThumimi.*


UHiramu wenza amakhanzi, namafosholo, nezitsha. UHiramu wayeseqeda ukwenza umsebenzi abewenzela inkosi uSolomoni endlini kaNkulunkulu:


Wenza amatafula ayishumi, wawabeka ethempelini, ayisihlanu ngakwesokunene nayisihlanu ngakwesokhohlo. Wenza nezitsha eziyikhulu zegolide.


nangezingwegwe zenyama, nangezinkamba, nangezitsha zegolide elicwengekileyo, nangezindebe zonke zegolide, isisindo saleso naleso sitsha;


namakhanzi, namafosholo, nezitsha; zonke lezo zinto uHiramu azenzela inkosi uSolomoni endlini kaJehova zaziyithusi eliphucuziweyo.


UMose wathatha inxenye yegazi, wayithela ezitsheni; inxenye yegazi wafafaza ngayo i-altare.


Nothatha isithungu sehisopi,* nisicwilise egazini elisemcengezini, nibhece ikhothamo nezinsika zombili zomnyango ngegazi elisemcengezini; akuyikuphuma muntu emnyango waleyo ndlu kuze kube sekuseni.


amakamela ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.


Ezinye izinhloko zawoyise zanikelela isikhwama somsebenzi amadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide namamane* ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amabili esiliva.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite