Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 7:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UNkulunkulu wami wabeka enhliziyweni yami ukuba ngibuthe abakhulu, nababusi, nabantu, ukuze babhalwe ngezizukulwane. Ngafumana incwadi yezizukulwane zabakhuphuka kuqala, ngafumana kulotshiwe kuyo ukuthi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 UNkulunkulu wangenza ngaba nevuso enhliziyweni yami, ngase ngimemela abantu embizweni yeziphathimandla nezikhulu nabantu, ukuba bazobhalisa ngokwemindeni yabo. Ngathola umlando wolibo lwalabo ababebuye kuqala. Nakhu engakutholayo:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UNkulunkulu wami wakufaka enhliziyweni yami ukuba ngiqoqe izikhulu nababusi nabantu, ukuze babalwe ngokohlu lozalo. Ngathola umbhalo wozalo lwalabo abenyuka kuqala, ngathola kulotshiwe ukuthi:

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 7:5
15 Referans Kwoze  

Ningadukiswa, bazalwane bami abathandekayo.


engikusebenzelayo futhi, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.


Kepha makabongwe uNkulunkulu obeka enhliziyweni kaThithu le nkuthalo ngani,


kungesikho ukuthi singaba namandla ngokwethu okucabanga ngotho ukuthi luvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu,


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.


Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha akufunyanwanga; ngalokho kwathiwa bangcolile, bakhishwa ebupristini.


Ngakhuleka ngathi: “Khumbula, Nkulunkulu wami, oThobiya noSanibalati ngalezo zenzo zabo, nomprofethikazi uNohadiya, nabanye abaprofethi, ababengesabisa.”


Ngikhumbulele, Nkulunkulu wami, ngenxa yakho konke engikwenzele laba bantu, kube kuhle kimi.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba obeke enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema,


Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha kabafunyanwanga; ngalokho bakhishwa ebupristini, kwathiwa bangcolile.


Umuzi wawubanzi nxazombili; wawumkhulu, kepha abantu babe yingcosana phakathi kwawo, izindlu zingakakhiwa.


Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.


Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite