Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 6:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba bonke babesethusa bethi: “Izandla zabo ziyakudangala emsebenzini ukuba ungenziwa.” Ngase ngikhuleka ngathi: “Kepha manje, Nkosi, qinisa izandla zami.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngokuba bonke babefuna ukusethusa, bethi: “Bazodikibala bayeke ukusebenza.” Ngakhuleka ngathi: “Nkulunkulu, qinisa izandla zami.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngoba basethuse sonke, bathi: Izandla zabo zizadangala emsebenzini, ukuze ungenziwa. Qinisa izandla zami manje, O Nkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 6:9
23 Referans Kwoze  

Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula; wangiqunga isibindi, wangipha amandla emphefumulweni wami.


Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.


Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo,


Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.


ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi;


Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.


ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


UDavide wayehlupheka kakhulu, ngokuba abantu bekhuluma ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa kuJehova uNkulunkulu wakhe.


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


Zase zithi izikhulu enkosini: “Makabulawe lo muntu, njengokuba edangalisa izandla zamadoda empi asele kulo muzi nezandla zabantu bonke ngokukhuluma amazwi anjalo kubo, ngokuba lo muntu akafuni ukuthula kwalaba bantu, ubafunela okubi.”


Kepha nina yibani namandla, zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo wawo.”


Jehova, ngiyethemba wena; mangingajabhi naphakade.


Mhla ngesabayo ngiyakwethemba wena.


Ngakhuleka ngathi: “Khumbula, Nkulunkulu wami, oThobiya noSanibalati ngalezo zenzo zabo, nomprofethikazi uNohadiya, nabanye abaprofethi, ababengesabisa.”


Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele; uNkulunkulu ka-Israyeli nguyena owenzela abantu amandla nokuqina; makadunyiswe uNkulunkulu.


Bamemeza ngezwi elikhulu ngolimi lwabaJuda kubantu baseJerusalema ababe sogangeni ukuba babethuse, babesabise, ukuze bawuthathe umuzi.


Ngiyakubaqinisa kuJehova, bahambe egameni lakhe,” usho uJehova.


Bonke ababazungezayo basekela izandla zabo ngezitsha zesiliva, nangegolide, nangempahla, nangezinkomo, nangamagugu, kanye nakho konke okwanikelwa ngakho ngenhliziyo.


Ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo; kepha ngiyakwaphula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwami ngokububula kogwaziweyo.


Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite