Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 6:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngase ngithumela kuye, ngathi: “Azikho izinto ezinjengalezo ozishoyo; ziqanjwe nguwe enhliziyweni yakho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ngase ngithumela kuye, ngathi: “Lokho okushoyo akusilona iqiniso; nguwena nje ozakhele lezo zinto.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngasengithumela kuye ukuthi: Akwenziwanga izinto ezinjengalezo ozitshoyo, kodwa uziveze enhliziyweni yakho.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 6:8
12 Referans Kwoze  

Ulimi lwakho lusongoza okubi njengempuco eloliweyo, wena owenza amacebo.


Kepha ningabaqambimanga; niyizinyanga ezingelutho nonke.


UPawulu wayesethi: “Ngimi phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKesari, lapho ngimelwe ukwahlulelwa khona. Angenzanga okungalungile kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle.


Esefikile yena, abaJuda ababehlile eJerusalema bema bemhaqile, bembeka amacala amaningi anzima, abangenakuwaqinisa,


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.


Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.


Amakhosi-ke omabili, izinhliziyo zawo ziyakuba ngezokwenza okubi; ayakukhuluma amanga esetafuleni linye, kepha akuyikuphumelela, ngokuba ukuphela kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.


Akakho omemeza ngokulunga, akakho owahlulela ngeqiniso; bethemba kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe yingozi, bazala ububi.


Abafuna umphefumulo wami bayangicupha; abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi, bazindla inkohliso usuku lonke.


Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso; ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.


Futhi ubekile abaprofethi ukuba bashumayele ngawe eJerusalema ukuthi uyinkosi kwaJuda. Njengokuba lawo mazwi eyakuzwakala enkosini, mawuze, silulekane.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite