Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 6:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Futhi ubekile abaprofethi ukuba bashumayele ngawe eJerusalema ukuthi uyinkosi kwaJuda. Njengokuba lawo mazwi eyakuzwakala enkosini, mawuze, silulekane.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Usuqoke abaphrofethi eJerusalema abazommezela ngawe, bathi: ‘Kunenkosi kwaJuda!’ Lawo mahlebezi angahle afinyelele enkosini, ngakho-ke woza sizohlangana, sikhulume.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Futhi wamisa abaprofethi ukuba bashumayele ngawe eJerusalema, bathi: Kukhona inkosi kwaJuda; manje kuzobikwa enkosini ngokwalawa mazwi. Woza-ke, sicebisane.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 6:7
10 Referans Kwoze  

Manje-ke nina kanye nomphakathi yazisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini ngokungathi nizakuhlolisisa indaba yakhe; thina-ke silungele ukumbulala engakasondeli.”


uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobe khona abe yinkosi phezu kuka-Israyeli; bese nibetha amacilongo, nithi: ‘Mana njalo, nkosi Solomoni.’


Ngokuba wehlile namuhla; uhlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi, umemile onke amadodana enkosi, nezinduna zempi, no-Abiyathara umpristi; bheka, bayadla, bephuza phambi kwakhe, bathi: ‘Mana njalo, nkosi Adoniya.’


Bheka, manje kubusa u-Adoniya; wena nkosi yami, nkosi, awukwazi;


Wacebisana noJowabe indodana kaSeruya no-Abiyathara umpristi; bamsiza u-Adoniya, bamlandela.


Kwakulotshwe kuyo ukuthi: “Kuzwakele ezizweni, naye uGashimu uthi wena nabaJuda nihlose ukuhlubuka, okungalokho uvusa ugange, ube yinkosi yabo; yebo, anjalo amazwi.


Ngase ngithumela kuye, ngathi: “Azikho izinto ezinjengalezo ozishoyo; ziqanjwe nguwe enhliziyweni yakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite