Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 6:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kwathi lapho zonke izitha zikuzwa lokho, abezizwe bonke abasizungezayo, besaba, bayetha, ngokuba baqonda ukuthi lowo msebenzi wawenziwe nguNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kwathi lapho zonke izitha zethu zizwa ngalokho, nazo zonke izizwe esasakhelene nazo, zesaba kakhulu, zadikibala, ngokuba zabona ukuthi lowo msebenzi waphumelela ngosizo lukaNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Futhi kwenzeka ukuthi lapho zonke izitha zethu zizwa lokhu, futhi zonke izizwe ezazisizungezile zibona lezi zinto, zadangala kakhulu emehlweni azo, ngokuba zabona ukuthi lo msebenzi wenziwa nguNkulunkulu wethu.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 6:16
16 Referans Kwoze  

Kwathi onke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani ayengaselwandle esezwa ukuthi uJehova womise amanzi aseJordani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli saze sawela, izinhliziyo zabo zaphela amandla, kungabe kusaba khona sibindi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.


Umlomo wethu wawusugcwala ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba; bathi phakathi kwabezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu.


Kepha kwathi oSanibalati, noThobiya, nabase-Arabiya, nabakwa-Amoni, nabase-Ashidodi sebezwa ukuthi ukulungiswa kwezingange zaseJerusalema kuyaqhubeka, nokuthi izimfa seziqale ukuvalwa, bathukuthela kakhulu,


Kepha kwathi lapho uSanibalati esezwile ukuthi sabe siluvusa ugange, wathukuthela, wavutha ulaka, waklolodela abaJuda.


Kepha lapho umHoroni, uSanibalati, noThobiya inceku yakwa-Amoni sebezwile lokho, kwaba kubi kakhulu kubo ukuthi kufike umuntu ukufuna inhlalakahle ka-Israyeli.


Manje-ke ngithi kini: Dedani kulaba bantu, nibayeke, ngokuba uma leli su nalo msebenzi kuvela kubantu, kuyakuchitheka;


Ayikho imilingo engamelana noJakobe; akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli; manje sekuyashiwo ngoJakobe nango-Israyeli ukuthi uNkulunkulu wenzeni.


Wawisa amasondo ezinqola ukuba bahambise kalukhuni, baze bathi abaseGibithe: “Masibaleke ebusweni buka-Israyeli, ngokuba uJehova uyabalwela emelene nabaseGibithe.”


Phezu kwalokho abakhulu bakwaJuda bathuma ngalezo zinsuku izincwadi eziningi kuThobiya, nezikaThobiya zafika kubo.


Umuzi uyakuba yigama lokujabula kimi, nelodumo, nelendumiso ngaphambi kwezizwe zonke zomhlaba eziyakuzwa konke okuhle engibenzela khona, zesabe, zithuthumele ngakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.’


wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.


Sathi sikuzwa lokho, izinhliziyo zethu zaphela amandla, akwabe kusabakho sibindi kumuntu phambi kwenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.


ukuze bazi ukuthi lokhu kuyisandla sakho; wena Jehova ukwenzile.


Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva bonke abazonda iSiyoni.


UJehova uyalakha iJerusalema; abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite