Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 6:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngase ngiya endlini kaShemaya indodana kaDelaya kaMehetabeli owayezivalele. Wathi: “Masihlangane endlini kaNkulunkulu phakathi kwethempeli, sivale iminyango yethempeli, ngokuba bayakufika ukukubulala, yebo, ebusuku bayakufika bakubulale.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngelinye ilanga ngavakashela uShemaya, indodana kaDelaya owayezalwa nguMehethabheli. UShemaya wayengaphumi emzini wakhe. Waphrofetha wathi: “Masihlangane endlini kaNkulunkulu, ngaphakathi ethempelini, sihluthulele iminyango yalo, ngokuba bayeza ukuzokukubulala. Impela bazofika ngalobu busuku ukuzokukubulala.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngase ngifika endlini kaShemaya indodana kaDelaya indodana kaMehetabeli eboshiwe; wathi: “Masibuthane endlini kaNkulunkulu, phakathi kwethempeli, sivale iminyango yethempeli, ngokuba bayakuza ukukubulala; yebo, ebusuku bayakuza ukukubulala.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 6:10
21 Referans Kwoze  

UJeremiya wamyala uBaruki ngokuthi: “Ngivalelwe, anginakungena endlini kaJehova.


Umuzi wonke wanyakaziswa, abantu bagijimela ndawonye, bambamba uPawulu, bamhudulela ngaphandle kwethempeli; iminyango yavalwa masinyane.


Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni ukuba imisebenzi yakhe ingasolwa.


“Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.


“Sengathi kungaba khona phakathi kwenu ongavala izicabha, ukuze ningabaseli ize e-altare lami! Angithokozi ngani,” usho uJehova Sebawoti, “angiyikwamukela iminikelo ezandleni zenu.


UMoya wayesengena kimi, wangimisa ngezinyawo zami, wakhuluma kimi, wathi kimi: “Hamba uzivalele endlini yakho.


Ngomlomo umuntu ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi.


Omubi uyamsongela olungileyo ngokubi, amgedlele amazinyo.


Bakhuluma amanga, kwaba yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo bakhuluma nganhliziyombili.


Ngaqonda ukuthi uNkulunkulu wayengamthumile, kepha wakhuluma leso siprofetho ngami eqashiwe ngoThobiya noSanibalati.


Amadodana kaHarimi: o-Eliyezeri, noJishiya, noMalikhiya, noShemaya, noShimeyoni,


Ngase ngithuma ngibiza o-Eliyezeri, no-Ariyeli, noShemaya, no-Elinathani, noJaribi, no-Elinathani, noNathani, noZakariya, noMeshulamu abayizinhloko, kanye noJoyaribi no-Elinathani abafundisayo.


Bavala nezivalo zompheme, bacima izibani, abashisanga impepho, abanikelanga ngeminikelo yokushiswa endaweni engcwele kuNkulunkulu ka-Israyeli.


Ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe ngenyanga yokuqala wavula izivalo zendlu kaJehova, wazilungisa.


U-Ahazi waqoqa izinto zendlu kaNkulunkulu, wazihlahlela izinto zendlu kaNkulunkulu, wavala izivalo zendlu kaJehova, wazenzela ama-altare emagumbini onke aseJerusalema.


Wayenaye ethukusiwe endlini kaJehova iminyaka eyisithupha; u-Athaliya wabusa ezweni.


Yonke indlu ka-Ahabi iyakubhubha; ngiyakunquma ku-Ahabi wonke umlisa, omncane nomkhulu.


Ngasodongeni lwendlu wakha izimpondo nxazonke ngasezindongeni zendlu nxazonke, ethempelini nasegumbini; wenza amakamelo asezinhlangothini nxazonke;


Wafa uBali Hanani indodana ka-Akibori; uHadari waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiPhawu; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite