Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 6:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi lapho oSanibalati, noThobiya, noGeshemi wase-Arabiya, nezinye izitha sebezwile ukuthi ngivusile ugange nokuthi akusasele sikhala, noma ngaleso sikhathi ngangingakamisi izivalo emasangweni,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kwathi ukuba bezwe oSanibhalathi, uThobiya, uGeshemi umArabhu, nazo zonke izitha zethu ukuthi sengilwakhile ugange, futhi akusasele sikhala kulo, noma-ke ngaleso sikhathi ngangingakazifaki izicabha emasangweni,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi lapho oSanibhalati, noThobiya, noGesemi, umArabhi, nezinye izitha zethu, bezwile ukuthi ngase ngilwakhile ugange nokuthi akusalanga sikhala kulo; (nakuba ngaleso sikhathi ngangingayifakanga iminyango emasangweni;)

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 6:1
10 Referans Kwoze  

Kepha lapho uSanebalati, umHoroni, noThobiya inceku yakwa-Amoni, noGeshemi wase-Arabiya bezwa lokho, basihleka usulu, basidelela, bathi: “Yini lokhu enikwenzayo na? Niyakuyihlubuka inkosi na?”


Kepha lapho umHoroni, uSanibalati, noThobiya inceku yakwa-Amoni sebezwile lokho, kwaba kubi kakhulu kubo ukuthi kufike umuntu ukufuna inhlalakahle ka-Israyeli.


Kepha kwathi lapho uSanibalati esezwile ukuthi sabe siluvusa ugange, wathukuthela, wavutha ulaka, waklolodela abaJuda.


ISango Lezinhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHasenawa; abeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.


Kwasuka u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, balakha iSango Lezimvu, balingcwelisa, bamisa izivalo zalo, yebo, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHameya ababewungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHananeli.


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.


ISango Elidala lalungiswa nguJoyada indodana kaPhaseya nanguMeshulamu indodana kaBesodeya, babeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.


Kwathi lapho ugange selwakhiwe, sengimisile izivalo, futhi kubekiwe abalindisango nabahlabeleli namaLevi,


Ngaphambi kwalokho u-Eliyashibi, umpristi, owayemiselwe amakamelo endlu kaNkulunkulu wethu, isihlobo sikaThobiya,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite