Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 5:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Inhliziyo yami isicabangile, ngathethisana nabakhulu nababusi, ngathi kubo: “Nina nonke nibiza inzalo omunye komunye.” Ngase ngibiza ibandla elikhulu ngabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ngacabangisisa ngalolu daba, izikhulu nabaholi ngababeka icala, ngathi kubo: “Nina nonke nibakhokhisa inzalo abantu bakini.” Ngabiza ibandla elikhulu ukuba libhekane nabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngase ngiceba phakathi kwami, ngabasola abakhulu nababusi, ngathi kubo: Nibiza inzalo, kube yilowo nalowo kumfowabo. Futhi ngabamisela ibandla elikhulu.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 5:7
25 Referans Kwoze  

Ungathathi kuye inzalo engafanele nenzuzo, kepha wesabe uNkulunkulu wakho, ukuze umfowenu ahlale nawe.


“Uma utsheleka ompofu wabantu bami okuwe imali, awuyikumphatha njengabatshelekisi; ningabizi nzalo kuye.


Bamukele imivuzo phakathi kwakho ukuba bachithe igazi; wena uthathe inzalo nenzuzo, waphanga abakhelwane bakho ngokubacindezela, wangikhohlwa mina, isho iNkosi uJehova.


ongatsheleki muntu imali yakhe ukuba izale, nongamukeli umvuzo ngongenacala; owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.


“ ‘Ningenzi ukungalungi ekwahluleleni; ungakhethi ubuso bompofu, ungavuni ubuso bomkhulu, kepha wahlulele umakhelwane wakho ngokulunga.


Khuluma lokho, uyale, ukhuze ngamandla onke. Ungadelelwa muntu.


Abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze nabanye besabe.


Kepha ekufikeni kukaKhefase e-Antiyokiya ngamelana naye ubuso nobuso, ngokuba wayenecala.


Kanjalo thina asisayikwazi umuntu ngokwenyama; nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi.


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Makwanele kini nina zikhulu zakwa-Israyeli; susani ubudlova nokuphanga, nenze ukwahlulela nokulunga, niyeke ukuxosha abantu bami, isho iNkosi uJehova.


Ukusola okusobala kungcono kunothando olufihliweyo.


Kuwena othi: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.”


Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na? Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na?


Thukuthelani ningoni; zindlani enhliziyweni yenu okhukhweni lwenu, nithule. Sela*


Umtsheleki makabambe konke anakho, abafo baphange izithelo zomsebenzi wakhe.


ulaka lwami luyakuvutha, ngikubulale ngenkemba; omkenu babe ngabafelokazi, abantwana benu babe yizintandane.


Ngubani oyakungimela phambi kwababi na? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?


Abashiya umthetho badumisa ababi, kepha abagcina umthetho balwa nabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite