Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 5:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokuba babekhona abathi: “Thina namadodana ethu namadodakazi ethu sibaningi; masithole amabele ukuba sidle, siphile.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Ngokuba kwakukhona labo ababethi: “Thina namadodana ethu namadodakazi ethu sibaningi, masithole okusanhlamvu ukuze sidle, siphile.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba kwakukhona ababethi: “Thina, amadodana ethu namadodakazi ethu, sibaningi; ngalokho siyabathathela amabele, ukuze sidle, siphile.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 5:2
11 Referans Kwoze  

Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.


UJuda wathi ku-Israyeli uyise: “Thuma umfana nami, size sisuke, sihambe ukuba siphile, singafi, thina nawe kanye nezingane zethu.


Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona amabele eGibithe; yehlani, niye lapho, nisithengele khona, ukuze siphile, singafi.”


Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuyothenga amabele, ngokuba indlala yayinzima emhlabeni wonke.


“Awuyikutsheleka umfowenu ngenzalo, inzalo yemali, nenzalo yokudla, nenzalo yento etshelekwa ngenzalo.


Kwakhala ku-Elisha owesifazane othile wabafazi bamadodana abaprofethi, wathi: “Inceku yakho, indoda yami, ifile; wena uyazi ukuthi inceku yakho yayimesaba uJehova; sekufike umtshelekisi ukuzithathela abafana bami ababili babe yizigqila.”


Babe khona nabathi: “Sibambisile ngamasimu ethu, nangezivini zethu, nangezindlu zethu; masithole amabele ngenxa yendlala.”


Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”


Siyakufelani phambi kwakho thina namazwe ethu na? Sithenge thina namazwe ethu ngokudla, sibe yizinceku zikaFaro thina namazwe ethu; siphe imbewu ukuba siphile, singafi, izwe lingachitheki.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite