Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 5:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Nami nabafowethu nezinceku zethu sibatsheleke imali namabele. Ake siyeke ukubiza le nzalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Mina, abafowethu nezinceku zami, sabetsheleka imali nokusanhlamvu. Masikuyeke ukubiza inzalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngendlela efanayo mina nabafowethu nezinceku zami sasibiza imali nokolweni kubo;

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 5:10
18 Referans Kwoze  

Kepha thina esisebenza kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu –


Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKristu, sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”


Ngakho lokhu sikwazi ukwesaba iNkosi, siyabancenga abantu; kepha sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu sibonakalisiwe.


Wo! kwabaceba ububi, benze okubi emibhedeni yabo! Ekukhanyeni kokusa bayakwenza, ngokuba kusemandleni ezandla zabo.


inika ngenzalo, yamukela inzuzo. Iyakuphila na? Cha, ayiyikuphila. Yenzile zonke lezi zinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe phezu kwayo.


enganiki ngenzalo, engamukeli inzuzo, ebuyisa isandla sakhe ebubini, enza ukwahlulela okuqinisileyo phakathi komuntu nomuntu;


ongatsheleki muntu imali yakhe ukuba izale, nongamukeli umvuzo ngongenacala; owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.


Inhliziyo yami isicabangile, ngathethisana nabakhulu nababusi, ngathi kubo: “Nina nonke nibiza inzalo omunye komunye.” Ngase ngibiza ibandla elikhulu ngabo.


Ngathi futhi: “Akukuhle enikwenzayo; beningehambe yini ngokwesaba uNkulunkulu wethu ngenxa yokuthukwa kwethu ngabezizwe, izitha zethu, na?


Ake nibuyisele namhlanje amasimu abo, nezivini zabo, neminqumo yabo, nezindlu zabo, nenxenye yekhulu yemali, neyamabele, neyewayini, neyamafutha enikubiza kubo kube yinzalo.”


“Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini: ukuthukulula izibopho zobubi nokuxegisa imichilo yejoka; ukukhulula abacindezelwayo nokwaphula onke amajoka na?


Nansi indlela yoyekelo: Yilowo nalowo otshelekileyo uyakuyekela lokho akutshelekile umakhelwane wakhe; akayikukubiza kumakhelwane wakhe nakumfowabo, ngokuba uyekelo lukaJehova lumenyezelwe.


Futhi sazimisela umthetho wokuba sithele inxenye yesithathu yeshekeli* ngomnyaka, ibe ngeyomsebenzi wendlu kaNkulunkulu wethu,


engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha enika abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu izingubo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite