Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwaba khona ukukhala okukhulu kwabantu nawomkabo ngabafowabo abaJuda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kwaba khona ukukhala kwabantu okukhulu, amadoda nomkabo bekhononda ngabafowabo abangabaJuda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwaba khona ukukhala okukhulu kwabantu nabafazi babo ngabafowabo, amaJuda.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 5:1
15 Referans Kwoze  

Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli, namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo; wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela, yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.


Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.


Nangangomuso wafika kubo belwa, wazama ukubalamula, babuyisane, wathi: ‘Madoda, ningabazalwane; niphathanelani kabi na?’


UNkulunkulu kayikubezwela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele, na?


baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye, wezwa ukukhala kwabahluphekayo.


Wayesethi uJehova: “Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo, ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;


Mina nabafowethu, nezinceku zami, nabalindi abangilandelayo, kwakungekho kithi owakhumula izingubo zakhe; yilowo nalowo wayenesikhali esandleni sakhe.


Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lapho inkosi uSedekiya isenzile isivumelwano nabo bonke abantu baseJerusalema ukubamemezela ukukhululeka,


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Makwanele kini nina zikhulu zakwa-Israyeli; susani ubudlova nokuphanga, nenze ukwahlulela nokulunga, niyeke ukuxosha abantu bami, isho iNkosi uJehova.


“Ngokwesibili niyakwenza nalokhu: nisibekela i-altare likaJehova ngezinyembezi, nangokukhala, nangokububula, angabe esayinakekela iminikelo, ingabe isamukeleka esandleni senu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite