Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 4:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Mina nabafowethu, nezinceku zami, nabalindi abangilandelayo, kwakungekho kithi owakhumula izingubo zakhe; yilowo nalowo wayenesikhali esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Mina-ke, abafowethu, izinceku zami namadoda ayengabaqaphi ayengilandela, asizange sizikhumule izimpahla zethu; yilowo nalowo wayephethe isikhali ngesandla sakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngakho mina nabafowethu noma izinceku zami namadoda onogada ababengilandela, akukho noyedwa wethu owakhumula izingubo zethu, ngaphandle kokuthi kwaba yilowo nalowo wazikhumula ukuze azihlanze.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 4:23
8 Referans Kwoze  

Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.


ngayaleza uHanani umfowethu noHananiya induna yendlu yenkosi ukuba baphathe iJerusalema, ngokuba wayengumuntu othembekileyo, wamesaba uNkulunkulu kunabaningi.


Phezu kwalokho ngabambelela emsebenzini wogange, asithenganga zwe; zonke izinceku zami zabuthana khona emsebenzini.


U-Abimeleki wenyukela entabeni yaseSalimoni, yena nabantu bonke ababenaye; u-Abimeleki wathatha izembe ngesandla, wagawula igatsha emithini, walithatha, walibeka ehlombe, wathi kubantu ababenaye: “Lokho eningibone ngikwenza, sheshani nikwenze njengami.”


Ekwahlukaniseni impango phakathi kwemiqengqe yamanzi balanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova, ukulunga kokubusa kwakhe kwa-Israyeli; khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.


Kanjalo ngaleso sikhathi ngathi kubantu: “Yilowo nalowo kahlale nenceku yakhe phakathi kweJerusalema ukuba zibe ngabalindi bethu ebusuku, zisebenze emini.”


Kwaba khona ukukhala okukhulu kwabantu nawomkabo ngabafowabo abaJuda.


Abahlohlolozani omunye nomunye; bahamba, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe; baziphonsa phakathi kwezikhali, abakhawuli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite