Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 4:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kwathi izitha zethu sezizwile ukuthi kwazeke kithi nokuthi uNkulunkulu wayeshafisile icebo labo, sabuyela sonke ogangeni, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Izitha zethu zezwa ukuthi sesizwile ngozungu lwazo, nokuthi uNkulunkulu uliphunzisile icebo lazo. Sonke sabuyela ogangeni, kwayilowo nalowo emsebenzini wakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kwathi lapho izitha zethu zizwa ukuthi kwaziwa yithi nokuthi uNkulunkulu walichitha icebo lazo, sabuyela sonke odongeni, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 4:15
13 Referans Kwoze  

U-Abisalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Isiluleko sikaHushayi umArki singcono kunesiluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uJehova wayenqumile ukuba kushafiswe isiluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uJehova amehlisele u-Abisalomu okubi.


ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi;


oshafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye, obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


nikhuthalele ukuhlala ngokuthula, nokwenza okwenu, nokusebenza ngezandla zenu, njengokuba saniyala,


Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe; washiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayala umlindisango ukuba alinde.


Lulekanani nokululekana, kepha kuyakuchithwa; khulumani izwi, kodwa aliyikuma, ngokuba uNkulunkulu unathi.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.


Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Abisalomu.” Wayesethi uDavide: “Jehova, mawuntumazelise amasu ka-Ahithofeli.”


Kusukela kulolo suku inxenye yezinceku zami yasebenza emisebenzini, nenxenye yazo yaphatha imikhonto, nezihlangu, neminsalo, namabhantshi ensimbi; ababusi babe semva kwendlu yonke yakwaJuda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite