Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 3:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 AmaNethini* ayehlezi e-Ofeli kwaze kwaba sendaweni malungana neSango Lamanzi ngasempumalanga nombhoshongo ophumeleleyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 nezisebenzi ezazihlala ethempelini e-Oferi, bakha kabusha ingxenye emalungana neSango Lamanzi, empumalanga yejika lombhoshongo. Lokhu kwakuseduze nengxenye yomuzi okwakuthiwa yi-Ofeli, lapho kwakuhlala khona amadoda ayesebenza ethempelini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 AmaNethini ahlala e-Ofeli, kwaze kwaba maqondana neSango Lamanzi ngasempumalanga, nasembhoshongweni ophumela ngaphandle.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 3:26
13 Referans Kwoze  

AmaNethini* ahlala e-Ofeli; oSiha noGishipha babe phezu kwamaNethini.


Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esasiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uJehova ayeyale ngawo u-Israyeli.


NgaseSangweni Lomthombo malungana nabo bakhuphuka ngezikhwelo zomuzi kaDavide ezikhwelweni zogange, ngasenhla kwendlu kaDavide, kwaze kwaba seSangweni Lamanzi.


Wafunda kuwo phambi kwesigcawu esasiphambi kweSango Lamanzi, kusukela ekuseni kuze kube semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuzwa; izindlebe zabantu bonke zalalela incwadi yomthetho.


Emva kwalokho wakha ugange olungaphandle komuzi kaDavide ngasentshonalanga kwaseGihoni esigodini kuze kube sekungeneni kweSango Lezinhlanzi; walihaqa i-Ofeli, waliphakamisa kakhulu; wabeka izinduna ezinamandla emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda.


Wakha iSango Lasenhla lendlu kaJehova; nasogangeni lwase-Ofeli wakha okuningi.


Abantu abaseleyo, abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, namaNethini,* nabo bonke ababezahlukanisile nabantu bezwe ukuba bazihlanganise nomthetho kaNkulunkulu, nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo, bonke ababe nolwazi nokuhlakanipha,


Base bephuma abantu, balanda lokho, bazenzela amadokodo, kwaba yilowo nalowo ophahleni lwendlu, nasemagcekeni abo, nasemagcekeni endlu kaNkulunkulu, nasesigcawini seSango Lamanzi, nasesigcawini seSango lakwa-Efrayimi.


Emva kwakhe kwalungisa abaseThekhowa elinye ibanga malungana nombhoshongo omkhulu ophumeleleyo kwaze kwaba sogangeni lwase-Ofeli.


Abakhileyo kuqala emafeni abo emizini yabo babe ngu-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini.*


ngokuba izindlu zamakhosi zilahliwe, nomuzi onabantu abaningi ushiyiwe; igquma nombhoshongo kuyakuba yimihume kuze kube phakade, nenjabulo yezimbongolo zasendle, nedlelo lemihlambi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite