Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 3:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Emva kwakhe kwalungisa uNehemiya indodana ka-Azibuki, umbusi wenxenye yesifunda saseBeti Suri, kwaze kwaba sendaweni malungana namathuna kaDavide, nasechibini elimbiweyo, naseNdlini Yamaqhawe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ingxenye elandelayo yayize iyofika ngaphambi kwedlinza likaDavide, kuya echibini nendlu yamaqhawe, kwakhiwa nguNehemiya, indodana ka-Azibhuki, umbusi wengxenye yesifunda iBhethi Zuri.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Emva kwakhe kwalungisa uNehemiya, indodana ka-Ashibuki, umbusi wenxenye yeBeti-Suri, kwaze kwaba maqondana namathuna kaDavide, nasedamu elalakhiwe lapho, nasendlini yamaqhawe.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 3:16
18 Referans Kwoze  

“Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa, nokuthi wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla.


Eceleni kwabo kwalungisa uShalumi indodana kaHaloheshi, umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema, yena namadodakazi akhe.


Eceleni kwabo kwalungisa uRefaya indodana kaHure, umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema.


Ezinye izindaba zikaHezekiya, nawo onke amandla akhe, nokwenza kwakhe ichibi nomsele, nokungenisa kwakhe amanzi emzini, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?


Futhi nenzela amanzi echibi elidala umgodi phakathi kwezingange zombili, kepha anibhekanga kumenzi walokho, animnakanga okade wakunquma.


Kepha uJehova wathi ku-Isaya: “Mawuphume ukuhlangabeza u-Ahazi, wena noSheyari Jashubi* indodana yakho, ngasekugcineni komsele wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi,


ISango Lomquba lalungiswa nguMalikhiya, indodana kaRekabi, umbusi wesifunda saseBeti Hakeremi; walakha, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.


IHalihuli, neBeti Suri, neGedori,


Bheka, luhlaka lukaSolomoni! Amaqhawe angamashumi ayisithupha aluzungezile emaqhaweni akwa-Israyeli.


Bammbela emathuneni akhe owayeziqophele wona emzini kaDavide, bambeka embhedeni ogcwele iphunga elimnandi namakha ayizinhlobonhlobo, alungisiwe ngokwenza komthaki; bamenzela ukushisa kwempepho okukhulu kakhulu.


neBeti Suri, neSoko, ne-Adulamu,


Indodana kaShamayi: nguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBeti Suri.


Emva kwakhe kwalungisa amaLevi, uRehumi indodana kaBani. Eceleni kwakhe kwalungisa uHashabiya, umbusi wenxenye yesifunda saseKeyila esifundeni sakhe.


ngazenzela amachibi amanzi ukuba kuniselwe ngawo ihlathi lemithi emilayo.


Nabona imifantu emzini kaDavide ukuthi yayiminingi, nawaqoqa amanzi asechibini lasenzansi.


Ngase ngikhuphukela eSangweni Lomthombo naseChibini Lenkosi, kepha kwakungekho ndawo yokuba kudlule isilwane engangiphezu kwaso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite