Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 3:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 ISango Lomthombo lalungiswa nguShaluni, indodana kaKholi Hoze, umbusi wesifunda saseMispa; walakha, walifulela, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo, nogange lwaseChibini laseShela ngasensimini yenkosi, kwaze kwaba sezikhwelweni ezehla emzini kaDavide.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 ISango Lomthombo lakhiwa kabusha nguShalumi, indodana kaKholihoze, umbusi wesifunda eMizpha. Walakha, walifulela, wamisa amasango ezindaweni zawo, wafaka imigoqo nezihluthulelo, wakha nogange echibini iShela ngasengadini yenkosi, kwaze kwaba sezikhwelweni ezehlela emzini kaDavide.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 ISango Lomthombo lalilungiswa nguShaluni indodana kaKolihose, umbusi wesifunda saseMispa; walakha, walisibekela, wamisa izivalo zalo, nezihluthulelo zalo, nemigoqo yalo, nogange lwechibi laseSilowama ngasensimini yenkosi, kuze kufike ezitebhisini ezehla emzini kaDavide.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 3:15
19 Referans Kwoze  

Wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” okuhunyushwa ngokuthi oThunyiweyo; yamuka-ke, yageza, yeza ibona.


“Ngenxa yokuba laba bantu badelela amanzi aseShilowa ahamba kancane, bathokoza ngoResini nendodana kaRemaliya,


NgaseSangweni Lomthombo malungana nabo bakhuphuka ngezikhwelo zomuzi kaDavide ezikhwelweni zogange, ngasenhla kwendlu kaDavide, kwaze kwaba seSangweni Lamanzi.


Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babe namacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na?


Ngase ngikhuphukela eSangweni Lomthombo naseChibini Lenkosi, kepha kwakungekho ndawo yokuba kudlule isilwane engangiphezu kwaso.


Wayesehamba uJeremiya, waya kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu, eMispa, wahlala naye phakathi kwabantu ababesele ezweni.


ISango Lomquba lalungiswa nguMalikhiya, indodana kaRekabi, umbusi wesifunda saseBeti Hakeremi; walakha, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.


Eceleni kwabo kwalungisa uShalumi indodana kaHaloheshi, umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema, yena namadodakazi akhe.


Eceleni kwabo kwalungisa uRefaya indodana kaHure, umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema.


Eceleni kwabo kwalungisa uMelathiya waseGibeyoni, noJadoni waseMeronoti, amadoda aseGibeyoni naseMispa, phansi kwesihlalo sombusi phesheya koMfula.*


Yena lowo Hezekiya wavimbezela umthombo wasenhla wamanzi aseGihoni, wawaqondisa ngasentshonalanga komuzi kaDavide. UHezekiya waphumelela emisebenzini yakhe yonke.


Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi ahamba ngendlela yase-Araba.


Abantwana bakwaBenjamini bezwa ukuthi abantwana bakwa-Israyeli babenyukele eMispa. Bathi abantwana bakwa-Israyeli: “Sitsheleni ukuthi lobu bubi benziwa kanjani na?”


Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yahlangana njengomuntu munye, kusukela kwaDani kwaze kwaba seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.


Kepha ngase ngithi kubo: “Niyayibona inhlupheko esikuyona, lokhu iJerusalema lichithekile namasango alo eshiswe ngomlilo; wozani sivuse ugange lwaseJerusalema ukuba singabe sisaba yihlazo.”


Eceleni kwakhe kwalungisa u-Ezeri indodana kaJeshuwa, umbusi waseMispa, elinye ibanga malungana nommango oya endlini yezikhali eNqutshini.


ngazenzela amachibi amanzi ukuba kuniselwe ngawo ihlathi lemithi emilayo.


UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke kusukela eMilo kuya ngaphakathi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite