Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 2:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngathi enkosini: “Uma kukuhle enkosini, uma inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, ungivumele ukuba ngiye kwaJuda emzini wamathuna awobaba ukuba ngiwuvuse.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ngathi enkosini: “Uma kukuhle emehlweni akho nkosi, nengikucelayo kwemukeleka kuwe, ngicela ukuba ungithumele kwaJuda, emzini wamathuna obabamkhulu, ukuba ngiyowakha kabusha.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngasengisithi enkosini: Uba inkosi ibona kufanele, njalo uba inceku yakho ithole umusa emehlweni akho, ngithume kwaJuda, emzini wamangcwaba awobaba, ukuze ngiwakhe.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 2:5
12 Referans Kwoze  

“Ngalokho uma kukuhle enkosini, makucingwe endlini yengcebo yenkosi elapho eBabele ukuba kunjalo yini ukuthi uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuba kwakhiwe le ndlu kaNkulunkulu eJerusalema; inkosi mayithume kithi inhloso yayo ngalokho.”


ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.


Wathi: “Uma kukuhle enkosini, noma ngifumene umusa phambi kwayo, noma le nto ilungile phambi kwenkosi, uma ngithandeka emehlweni ayo, makulotshwe ukuba zibuyiswe izincwadi zamacebo kaHamani indodana kaHamedatha umAgagi azilobayo ukuba bachithwe abaJuda abasezifundeni zenkosi;


Wayesephendula u-Esteri inkosikazi, ethi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi, noma kukuhle enkosini, mangiphiwe ukuphila kwami ngesicelo sami nokwesizwe sakithi ngokufuna kwami,


Uma ngifumene umusa emehlweni enkosi noma kukuhle enkosini ukunginika lokho engikucelayo nokwenza lokho engikufunayo, makuze inkosi noHamani edilini engiyakubalungisela lona; ngiyakwenza kusasa njengezwi lenkosi.”


UJowabe wawa phansi ngobuso, wakhuleka, wayibusisa inkosi; uJowabe wathi: “Namuhla inceku yakho iyazi ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi, lokhu inkosi ilenzile izwi lenceku yayo.”


Wathi: “Mangifumane umusa emehlweni akho, nkosi, ngokuba ungiduduzile nangokuba ukhulume kahle kuyo incekukazi yakho, noma ngingenjengenye yezincekukazi zakho.”


“Uma kukuhle enkosini, makuphume izwi lobukhosi, lilotshwe phakathi kwemithetho yamaPheresiya namaMede, lingalahlwa, lokuba uVashiti angabe esangena phambi kwenkosi u-Ahashiveroshi, inkosi inike omunye omuhle kunaye ubukhosikazi bakhe.


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!


Yayisithi inkosi kimi: “Ukhala ngani?” Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.


Inkosi yathi kimi, inkosikazi ihlezi eceleni kwayo: “Uhambo lwakho luyakuba yisikhathi esingakanani, nokubuya kuyakuba nini na?” Kwaba kuhle-ke enkosini ukuvuma ukuba ngihambe; ngayitshela isikhathi esithile.


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite