Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 2:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kepha lapho uSanebalati, umHoroni, noThobiya inceku yakwa-Amoni, noGeshemi wase-Arabiya bezwa lokho, basihleka usulu, basidelela, bathi: “Yini lokhu enikwenzayo na? Niyakuyihlubuka inkosi na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Kwathi lapho uSanibhalathi umHoroni, uThobiya inceku engumAmoni, noGeshemi umArabhu bekuzwa lokho, basihleka usulu besibhinqa, bethi: “Nenzani nje nempela na? Senivukela inkosi na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kepha lapho oSanibhalati umHoroni, noThobiya inceku, umAmoni, noGeshemu umArabhi, bezwa lokho, basihleka, basidelela, bathi: “Kuyini lokhu enikwenzayo na?” nizohlubuka enkosini na?

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 2:19
22 Referans Kwoze  

Kwakulotshwe kuyo ukuthi: “Kuzwakele ezizweni, naye uGashimu uthi wena nabaJuda nihlose ukuhlubuka, okungalokho uvusa ugange, ube yinkosi yabo; yebo, anjalo amazwi.


Bamhleka usulu. Kepha yena wabakhipha bonke, wathatha uyise womntwana nonina kanye nababe naye, wangena lapho kulele khona umntwana.


abanye balingwa ngokujivazwa nokushaywa, yebo, nokuboshwa nokufakwa etilongweni;


“Ngokuba le ndoda siyifumene iyishinga ivusa ukwambuka phakathi kwabaJuda ezweni lonke, iyinhloko yehlelo lamaNazaretha,


Ngalokho uPilatu wayefuna ukumkhulula. Kepha abaJuda bamemeza bathi: “Uma ukhulula lona, awusiye umhlobo kaKesari; osuka ezenza inkosi, umelene noKesari.”


Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Simfumene lo edukisa isizwe sakithi, enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.”


Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa, lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.


Usenza sibe yinto ebangwa ngabakhelwane bethu, nezitha zethu zisihleka usulu.


Sesiyisihlamba kubakhelwane bethu, umbhinqo nenhlekiso kwabasiphahlileyo.


“Kepha manje abancane ngeminyaka kunami bayangihleka, oyise babo engangibadelela ukuba ngingababeki naphakathi kwezinja zezimvu zami.


Ngokuba bonke babesethusa bethi: “Izandla zabo ziyakudangala emsebenzini ukuba ungenziwa.” Ngase ngikhuleka ngathi: “Kepha manje, Nkosi, qinisa izandla zami.”


Kepha kwathi lapho uSanibalati esezwile ukuthi sabe siluvusa ugange, wathukuthela, wavutha ulaka, waklolodela abaJuda.


Kepha lapho umHoroni, uSanibalati, noThobiya inceku yakwa-Amoni sebezwile lokho, kwaba kubi kakhulu kubo ukuthi kufike umuntu ukufuna inhlalakahle ka-Israyeli.


wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu.


Enye yamadodana kaJoyada indodana ka-Eliyashibi umpristi omkhulu yayingumkhwenyana kaSanibalati umHoroni; ngamxosha kimi.


Umphefumulo wethu udiniwe kakhulu ngukweyisa kwabaziqhenyayo nokudelela kwabazidlayo.


U-Ishmayeli wayesethumba bonke abantu abaseleyo eMispa, amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele eMispa, uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka-Ahikamu, yebo, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabathumba, wahamba ukuba adlulele kubantwana bakwa-Amoni.


Sibuyise, Nkulunkulu Sebawoti, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Wena uyakhuluma, kepha kungamazwi angawomlomo nje lana ngesu nangamandla okulwa. Pho, wethemba bani, lokhu ungihlubukile na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite