Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 2:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngenyanga kaNisani ngomnyaka wamashumi amabili ka-Aritahishashita inkosi, iwayini liphambi kwakhe, ngaliphakamisa iwayini, ngalinika inkosi. Ngangingazange ngibiphe phambi kwayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngenyanga uNisani, ngonyaka wama-20 wokubusa kwenkosi u-Arithahishashitha, iwayini liphambi kwenkosi, ngalithunga ngalinika inkosi. Ngangingakaze ngibe ngodangele phambi kwayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi ngenyanga kaNisani, ngomnyaka wamashumi amabili wenkosi u-Aritahishashita, kwakukhona iwayini phambi kwakhe, ngalithatha iwayini ngalinika inkosi. Manje angibanga lusizi phambi kwakhe ngaphambili.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 2:1
9 Referans Kwoze  

Emva kwalokho esabusa u-Aritahishashita, inkosi yasePheresiya, u-Ezra kaSeraya ka-Azariya kaHilikiya,


Ngicela, Nkosi, ukuba indlebe yakho izwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezithokoza ngokwesaba igama lakho, uhlahlamelise inceku yakho namuhla, uyinike umusa emehlweni alo muntu.” Bheka, ngangingumphathisitsha wenkosi.


Amazwi kaNehemiya indodana kaHakaliya. Kwathi ngenyanga kaKhisilevi, ngomnyaka wamashumi amabili ngisendlini yenkosi yaseShushani,


Ngenyanga yokuqala eyinyanga kaNisani ngomnyaka weshumi nambili wenkosi u-Ahashiveroshi benza iPhure eliyinkatho phambi kukaHamani imihla ngemihla izinyanga ngezinyanga, kwaze kwaba ngeyeshumi nambili eyinyanga ka-Adari.


Kwakhuphuka nabanye abantwana bakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini,* baya eJerusalema ngomnyaka wesikhombisa ka-Aritahishashita inkosi.


Wayibuyisela induna yabaphathizitsha esikhundleni sayo, waze wanikela indebe esandleni sikaFaro;


Indebe kaFaro yayisesandleni sami; ngathatha izithelo zomvini, ngazikhamela endebeni kaFaro, indebe ngayinikela esandleni sikaFaro.”


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.


Emihleni ka-Aritahishashita oBishilamu, noMithiredati, noThabeyeli, nabanye abangane bakhe baloba ku-Aritahishashita inkosi yasePheresiya; okulotshiweyo kwakunjengokulotshwa kwesi-Aramu, kwachazwa ngesi-Aramu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite