Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 wayemlungisele ikamelo elikhulu, lapho kade bebeka khona iminikelo yempuphu, nenhlaka, nezitsha, nokweshumi kwamabele, newayini, namafutha, okwakunqunyelwe ngomthetho amaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, kanye neminikelo yabapristi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 walungisela uThobiya igumbi elikhulu lapho kwakubekwa khona umnikelo wokusanhlamvu, impepho, izitsha, okweshumi kokusanhlamvu, iwayini, amafutha, okwakunikwe ngokomthetho abaLevi, abaculi, abalindisango neminikelo yabaphristi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wamlungisela ikamelo elikhulu, lapho ababebeke khona iminikelo yomlilo ngaphambili, impepho, nezitsha, nokweshumi kukakolweni, newayini, namafutha, okwakumelwe kunikwe amaLevi, nabahlabeleli. Nabalindisango; neminikelo yabapristi.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:5
9 Referans Kwoze  

Ngalolo suku amiswa amadoda ukuba abe ngabaphathi bamakamelo engcebo, nabeminikelo yokuphakanyiswa, nabolibo, nabokweshumi ukuba baqoqele kuwo njengamasimu emizi izabelo ezinqunyelwe abapristi namaLevi ngomthetho, ngokuba uJuda wathokoza ngabapristi namaLevi asebebekiwe.


Umpristi, indodana ka-Aroni, ubeyakuba namaLevi, lapho amaLevi amukela okweshumi; amaLevi ayakukhuphulela okweshumi kokweshumi endlini kaNkulunkulu wethu emakamelweni endlini yengcebo.


bayinika nababazi nabakhi ukuba bathenge amatshe abaziweyo nemithi yokuhlanganisa, benze imishayo yezindlu amakhosi akwaJuda abezichithile.


silethe ulibo lomgqakazo wethu, neminikelo yethu yokuphakanyiswa, nezithelo zemithi yezinhlobo zonke, newayini namafutha kubapristi emakamelweni endlu kaNkulunkulu wethu, nokweshumi komhlabathi wethu kumaLevi, ngokuba wona amaLevi amukela okweshumi emizini yonke esilima kuyo.


ngaya eJerusalema, ngaqonda okubi u-Eliyashibi akwenzele uThobiya ngokumlungisela ikamelo emagcekeni endlu kaNkulunkulu.


Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni; bahlanza khona umnikelo wokushiswa.


Wayesesho uHezekiya ukuba kulungiswe amakamelo endlini kaJehova; bawalungisa-ke.


kulethwe endlini kaNkulunkulu wethu namazibulo amadodana ethu, nawezimpahla zethu njengokulotshiweyo emthethweni, namazibulo ezinkomo zethu nawezimvu zethu, kubapristi abakhonza endlini kaNkulunkulu wethu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite