Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwathi sebezwile umthetho, bahlukanisa no-Israyeli yonke ingxubevange.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kwathi abantu sebekuzwile okushiwo ngumthetho, babaxosha bonke abantu ababenokhokho abaxubileyo, bashiya abakwa-Israyeli boqobo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lapho bezwa umthetho, bahlukanisa yonke ingxubevange yakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:3
12 Referans Kwoze  

Inzalo ka-Israyeli yayizahlukanisa nabezizwe bonke, yayimi ivuma izono zayo nokona kwawoyise.


Kwenyuka nabo ingxubevange yabantu, nezimvu, nezinkomo, imfuyo eningi kakhulu.


Abantu abaseleyo, abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, namaNethini,* nabo bonke ababezahlukanisile nabantu bezwe ukuba bazihlanganise nomthetho kaNkulunkulu, nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo, bonke ababe nolwazi nokuhlakanipha,


Ingxubevange eyayiphakathi kwabo yaqala ukufisa nokufisa; nabantwana bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?


Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.


ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.


Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokulaya kuyindlela yokuphila,


Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho.


Ngalokho vumani izono kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo, nenze intando yakhe, nizahlukanise nabantu bezwe nabesifazane babezizwe.”


Ngokuba bazithathele amadodakazi abo, bona namadodana abo, kuze kuthi inzalo engcwele isixubene nabantu bezizwe; izandla zezikhulu nababusi yizona ebeziphambili kuleso siphambeko.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite