Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Akonanga ngalokho uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli na? Phakathi kwezizwe eziningi kwakungekho nkosi enjengaye; wayethandekile kuNkulunkulu wakhe; uNkulunkulu wambeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke; nokho abesifazane babezizwe bamonisa naye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 USolomoni, inkosi yakwa-Israyeli, akonanga yini ngenxa yabesifazane na? Phakathi kwezizwe eziningi, ayikho inkosi eyayifana naye. Nanxa uNkulunkulu ayemthanda waze wambeka inkosi ka-Israyeli, wadukiswa ngamakhosikazi akhe abezizwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 USolomoni, inkosi yakwa-Israyeli, akonanga ngalokho na? nokho phakathi kwezizwe eziningi kwakungekho nkosi efana naye, ethandwa nguNkulunkulu wakhe, uNkulunkulu wamenza inkosi phezu kuka-Israyeli wonke; nokho wonisa abesifazane abezizwe.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:26
10 Referans Kwoze  

Ngikunika futhi nalokho ongakucelanga, imfuyo nodumo, ngangokuba kungayikubakho onjengawe phakathi kwamakhosi zonke izinsuku zakho.


Ngase ngifumana okubaba kunokufa: owesifazane onhliziyo yakhe iyizingibe namanetha, nezandla zakhe ziyizibopho; omuhle phambi kukaNkulunkulu uyakuphunyuka kuye, kepha isoni siyakubanjwa nguye.


uyakuphiwa ukuhlakanipha nokwazi; ngiyakukunika nengcebo, nemfuyo, nodumo, angazange abe nakho okungako amakhosi ayengaphambi kwakho, nalandelayo emva kwakho awayikuba nakho.”


Inkosi uSolomoni yaba nkulu kunawo onke amakhosi omhlaba ngengcebo nangokuhlakanipha.


Unganiki abesifazane amandla akho, nezindlela zakho kwababhubhisa amakhosi.


bheka, ngenzile njengezwi lakho: nakhu, ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda, okungazange kube khona okunjengakho ngaphambi kwakho nokungayikuvela futhi okunjengakho nangasemva kwakho.


Inkosi uSolomoni yabusa u-Israyeli wonke.


Kepha akubangakho onjengo-Ahabi owazithengisa ukwenza okubi emehlweni kaJehova, edudwa ngu-Izebeli umkakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite