Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Abenzanga kanjalo oyihlo, noNkulunkulu wenu akehliselanga yini phezu kwenu konke lokho okubi, naphezu kwalo muzi, na? Nokho nina niyenezela intukuthelo phezu kuka-Israyeli ngokulona isabatha.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Akuyibo yini lobu bubi noyihlo ababenza, obalethela thina nalo muzi inhlekelele na? Manje nani niyaqhubeka nigovuza ulaka lukaNkulunkulu ukuba amelane no-Israyeli ngokuthi ningcolise iSabatha na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Babengenjalo oyihlo, uNkulunkulu wethu akehliselanga yini bonke lobu bubi phezu kwethu naphezu kwalo muzi? nokho nenezela ulaka phezu kuka-Israyeli ngokungcolisa isabatha.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:18
16 Referans Kwoze  

Bayakukuhlubula izingubo zakho, basuse izivunulo zakho ezinhle.


Kepha akashiyanga ubufebe bakhe baseGibithe, ngokuba balala naye ebusheni bakhe, bacindezela izingono zobuntombi bakhe, bathulula ubufebe babo phezu kwakhe.


Nikhohliwe yini ububi bukayihlo, nobubi bamakhosi akwaJuda, nobubi bamakhosikazi awo, nobubi benu, nobubi bawomkenu ababebenza ezweni lakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, na?


Kepha uma ningalaleli ukuba nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo lapho ningena ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacinywa.’ ”


“Bhekani, senivukile nina esikhundleni sawoyihlo, inzalo yabantu abonayo, ukwandisa futhi intukuthelo kaJehova evuthela u-Israyeli.


nami ngiyakuhamba ngiphambene nani ngokufutheka, ngikushaye kasikhombisa ngezono zakho.


“ ‘Kepha uma ningangilaleli nangalezo zinto, ngiyakubuye nginishaye kasikhombisa ngezono zenu.


UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo, nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.


Ngokuba niyishisile impepho nangokuba nonile kuJehova, ningalilalelanga izwi likaJehova, ningahambanga ngomthetho wakhe, nangezimiso zakhe, nangobufakazi bakhe, ngalokho le ngozi ihlangabezene nani njenganamuhla.”


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Futhi sazimisela umthetho wokuba sithele inxenye yesithathu yeshekeli* ngomnyaka, ibe ngeyomsebenzi wendlu kaNkulunkulu wethu,


nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyanga ukuba sithengise ngamabele, nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni, senze i-efa* libe lincane, senze ishekeli* libe likhulu, senze izilinganiso ukuba zikhohlise,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite