Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngase ngiphikisana nabakhulu bakwaJuda, ngathi kubo: “Okubi kuni lokhu enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Ngabathethisa abaholi bakwaJuda, ngathi kubo: “Nibenzelani lobu bubi bokungcolisa iSabatha na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngase ngiphikisana nezikhulu zakwaJuda, ngathi kubo: “Kuyini lokhu okubi enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:17
14 Referans Kwoze  

Ngase ngiphikisana nababusi, ngathi: “Ishiyelweni indlu kaNkulunkulu na?” Ngababutha, ngababeka ezindaweni zabo.


Ngabasola ngalokho, ngabathuka, ngashaya abanye abantu, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu, ngathi: “Ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo.


Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli eninengwa ngukwahlulelwa, nihlanekezela konke ukulunga,


Ngathi: “Zwanini nina zinhloko zakwaJakobe, nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli ukuthi: Akusikho okwenu ukwazi ukulunga


Yisho kuyo inkosi nakuyo indlovukazi ukuthi: “Hlalani phansi ngokuzithoba, ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi, umqhele wodumo lwenu.”


Sengiyakuya kwabakhulu, ngikhulume nabo, ngokuba bona bayayazi indlela kaJehova nokwahlulela kukaNkulunkulu wabo;” kepha bona babelaphulile ijoka kanyekanye, bazigqabulile izibopho.


Yizwani izwi likaJehova nina babusi baseSodoma, nibeke indlebe ekufundiseni kukaNkulunkulu wethu nina bantu baseGomora.


Abashiya umthetho badumisa ababi, kepha abagcina umthetho balwa nabo.


Inhliziyo yami isicabangile, ngathethisana nabakhulu nababusi, ngathi kubo: “Nina nonke nibiza inzalo omunye komunye.” Ngase ngibiza ibandla elikhulu ngabo.


AbaseTire ababehlala khona bangenisa izinhlanzi nezimpahla zezinhlobo zonke, bathengisa ngakho ngesabatha kubantwana bakwaJuda naseJerusalema.


“ ‘Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.


“ ‘Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; abahambanga ngezimiso zami, balahla izahlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; amasabatha ami bawona kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo ehlane ukuba kubaqede.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite