Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 AbaseTire ababehlala khona bangenisa izinhlanzi nezimpahla zezinhlobo zonke, bathengisa ngakho ngesabatha kubantwana bakwaJuda naseJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kwakukhona futhi idlanzana labantu baseThire, ababehlala eJerusalema, bethengisa izinhlanzi nokunye, bekuthengisela abantu bakwaJuda emzini ngeSabatha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwakuhlala khona abantu baseTire ababeletha izinhlanzi nazo zonke izinhlobo zezimpahla, bathengisa ngakho kubantwana bakwaJuda naseJerusalema ngesabatha.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:16
5 Referans Kwoze  

“Izinsuku eziyisithupha wosebenza umsebenzi wakho, uphumule ngosuku lwesikhombisa ukuba inkabi yakho nembongolo yakho ziphumule, bahlunyelelwe indodana yencekukazi yakho nomfokazi.


kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nenkabi yakho, nembongolo yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho, ukuba inceku yakho nencekukazi yakho ziphumule njengawe.


kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi osemzini wakho;


Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda abanyathela izikhamo zewayini ngesabatha nabaletha izithungu zamabele, bethwesa izimbongolo, newayini, nezithelo zewayini, namakhiwane, nemithwalo yonke, bekungenisa eJerusalema ngosuku lwesabatha; ngabaxwayisa ngosuku abathengisa ngalo lokho kudla.


Ngase ngiphikisana nabakhulu bakwaJuda, ngathi kubo: “Okubi kuni lokhu enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite