Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda abanyathela izikhamo zewayini ngesabatha nabaletha izithungu zamabele, bethwesa izimbongolo, newayini, nezithelo zewayini, namakhiwane, nemithwalo yonke, bekungenisa eJerusalema ngosuku lwesabatha; ngabaxwayisa ngosuku abathengisa ngalo lokho kudla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Ngalezo zinsuku ngabona abantu kwaJuda bekhama amagilebhisi ngeSabatha. Abanye babethwese izimbongolo zabo okusanhlamvu, iwayini, amagilebhisi, amakhiwane nezinye izinto, bekuyisa eJerusalema; ngabexwayisa ukuthi bangathengisi lutho ngeSabatha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda ukuthi abanye banyathela izikhamo zewayini ngesabatha, baletha izithungu, balayishe izimbongolo; kanye newayini, namagilebhisi, namakhiwane, nayo yonke inhlobo yemithwalo abayiletha eJerusalema ngosuku lwesabatha; futhi ngafakaza ngokumelene nabo ngosuku abathengisa ngalo ukudla.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:15
31 Referans Kwoze  

nokuba lapho abantu bezwe beletha impahla, noma uhlobo oluthile lwamabele ngosuku lwesabatha ukuba bathengise ngakho, singathengi kubo ngesabatha nangosuku olungcwele, futhi siwuyeke umnyaka wesikhombisa nazo zonke izikwenetu.


Ngabaxwayisa, ngathi kubo: “Nilalelani malungana noganga na? Uma niphinda, ngiyakubeka isandla sami kini.” Kusukela kuleso sikhathi abafikanga ngesabatha.


“Wosebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa; uyakuphumula ngesikhathi sokulima nangokuvuna.


“Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isabatha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo, nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo, uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize,


“ ‘Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; abahambanga ngezimiso zami, balahla izahlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; amasabatha ami bawona kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo ehlane ukuba kubaqede.


Kepha uma ningalaleli ukuba nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo lapho ningena ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacinywa.’ ”


Kuyakuthi uma ningilalela nokungilalela, usho uJehova, ukuba ningangenisi mthwalo ngamasango alo muzi ngosuku lwesabatha, nilungcwelise usuku lwesabatha ukuze ningenzi ngalo umsebenzi,


“Kuyakuthi uma ukhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho, ulandele abanye onkulunkulu, ubakhonze, ukhuleke kubo, ngiyanixwayisa namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha.


Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa umsebenzi, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyakuba kini usuku olungcwele, lube yisabatha lokuphumula likaJehova; bonke abenza umsebenzi ngalo bayakubulawa.


wabaxwayisa ukuba ubabuyisele emthethweni wakho, kepha baqholosha, kabayilalelanga imiyalo yakho, kodwa bona ezahlulelweni zakho, okothi uma umuntu ezenza, uyakuphila ngazo, baphendula ihlombe ngenkani, benza lukhuni intamo yabo, abaze bezwa.


ukuba kungabikho noyedwa omonayo, aphambe umfowabo ngento, ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambili, saqinisa.


Ngakho ngisho, ngifakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ebuzeni bengqondo yabo,


Ngiyaphinda ngiqinisa kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokugcina umthetho wonke.


ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.


Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.”


“Bantu bami, ngenzeni kini; kuyini enginikhathaze ngakho na? Ngiphenduleni.


“UJehova ukhulumile ngani ukuthi: ‘Wena nsali yakwaJuda, ungayi eGibithe;’ yazi nokwazi ukuthi ngifakazile kini namuhla.


“Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma; Israyeli, ngizakufakaza kuwe ukuthi: NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.


Kepha wathuma abaprofethi kubo ukuba bababuyisele kuJehova; babaxwayisa, kepha kababekanga ndlebe.


AbaseTire ababehlala khona bangenisa izinhlanzi nezimpahla zezinhlobo zonke, bathengisa ngakho ngesabatha kubantwana bakwaJuda naseJerusalema.


Abashiya umthetho badumisa ababi, kepha abagcina umthetho balwa nabo.


nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyanga ukuba sithengise ngamabele, nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni, senze i-efa* libe lincane, senze ishekeli* libe likhulu, senze izilinganiso ukuba zikhohlise,


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Ngalokho abakwa-Israyeli bayakuligcina isabatha, balilonde ezizukulwaneni zabo libe yisivumelwano esiphakade.


Futhi sazimisela umthetho wokuba sithele inxenye yesithathu yeshekeli* ngomnyaka, ibe ngeyomsebenzi wendlu kaNkulunkulu wethu,


Ungakholwa yiyo ukuba ibuyise imbewu yakho, iyibuthele esibuyeni sakho, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite