Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngabeka abaphathizikhwama phezu kwengcebo: nguShelemiya umpristi, noSadoki umbhali, noPhedaya wamaLevi; eceleni kwabo kwakunguHanani kaZakuri kaMathaniya, ngokuba kwathiwa bathembekile; babeyakwabela abafowabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngaqoka amanye amadoda ukuba abe ngabagcinimafa bezinqolobane: uShelemiya umphristi, uZadoki ungoti kwezomthetho noPhedaya umLevi. UHanani, indodana kaZakhuri indodana kaMathaniya, wayezoba ngumsizi wabo. Lawo madoda ngangiwethemba ukuthi ayezoba qotho lapho esehlukaniselana nabanye ayesebenza nabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngamisa abaphathi-sikhwama phezu kwengcebo: uShelemiya umpristi, noSadoki umbhali, namaLevi, uPhedaya; eceleni kwabo kwakunguHanani indodana kaSakuri indodana kaMathaniya; ngokuba babebhekwa njengabathembekile, nomsebenzi wabo kwakumelwe wabelwe abafowabo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:13
20 Referans Kwoze  

ngayaleza uHanani umfowethu noHananiya induna yendlu yenkosi ukuba baphathe iJerusalema, ngokuba wayengumuntu othembekileyo, wamesaba uNkulunkulu kunabaningi.


Nokho akubalelwananga nabo ngemali eyabekwa esandleni sabo, ngokuba babethembekile ekuphatheni kwabo.”


Futhi-ke kufuneka kubaphathi ukuba umuntu afunyanwe ekholekile.


Funani-ke phakathi kwenu bazalwane amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esingawamisela lowo msebenzi.


Kwathi ngaleyo mihla abafundi sebanda, kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla.


Ngalolo suku amiswa amadoda ukuba abe ngabaphathi bamakamelo engcebo, nabeminikelo yokuphakanyiswa, nabolibo, nabokweshumi ukuba baqoqele kuwo njengamasimu emizi izabelo ezinqunyelwe abapristi namaLevi ngomthetho, ngokuba uJuda wathokoza ngabapristi namaLevi asebebekiwe.


Ababalelananga nabantu imali abayibeka ezandleni zabo ukunika abasebenzayo, ngokuba babethembekile ekuphatheni kwabo.


Nalabo mabaqale bahlolwe, andukuba babe ngamadiyakoni, uma bengasoleki.


Ngiyambonga owangenzela amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni,


bayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli; kwaba yilowo nalowo wabelwa njengokuswela kwakhe.


Yayisithi iNkosi: “Ngumuphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho?


kanye namadodana athile abapristi ephethe amacilongo: uZakariya kaJonathani, kaShemaya, kaMathaniya, kaMikhaya, kaZakuri, ka-Asafa,


Umbonisi wamaLevi eJerusalema kwakungu-Uzi kaBani, kaHashabiya, kaMathaniya, kaMika wamadodana ka-Asafa, abahlabeleli, engumphathi womsebenzi wendlu kaNkulunkulu.


noZakuri, noSherebiya, noShebaniya,


U-Ezra umbhali wayemi ebhesitulu* lamapulangwe ababelenzele lo mgomo; eceleni kwakhe kwakumi oMatithiya, noShema, no-Anaya, no-Uriya, noHilikiya, noMahaseya ngakwesokunene sakhe, nangakwesokhohlo sakhe ngoPhedaya, noMishayeli, noMalikhiya, noHashumi, noHashibadana, noZakariya, noMeshulamu.


Emva kwakhe kwalungisa uHananiya, indodana kaShelemiya, noHanuni, indodana yesithupha kaSalfi, elinye ibanga. Emva kwakhe kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya malungana nekamelo lakhe.


Umpristi, indodana ka-Aroni, ubeyakuba namaLevi, lapho amaLevi amukela okweshumi; amaLevi ayakukhuphulela okweshumi kokweshumi endlini kaNkulunkulu wethu emakamelweni endlini yengcebo.


Imali yeminikelo yamacala, nemali yeminikelo yezono yayingangeniswa endlini kaJehova, yayingeyabapristi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite