Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wonke uJuda wayeseletha okweshumi kwamabele, nokwewayini, nokwamafutha engcebeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Bonke abantu bakwaJuda base beqala futhi ukunikela okweshumi kokusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, kwafakwa ezinqolobaneni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wonke uJuda wayeseletha okweshumi kukakolweni, newayini, nokwamafutha endlini yengcebo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:12
9 Referans Kwoze  

Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.


Ngalolo suku amiswa amadoda ukuba abe ngabaphathi bamakamelo engcebo, nabeminikelo yokuphakanyiswa, nabolibo, nabokweshumi ukuba baqoqele kuwo njengamasimu emizi izabelo ezinqunyelwe abapristi namaLevi ngomthetho, ngokuba uJuda wathokoza ngabapristi namaLevi asebebekiwe.


“Uyakunikela ngokweshumi kwazo zonke izithelo zembewu yakho, lokho okuvela ensimini iminyaka ngeminyaka,


“ ‘Nokweshumi konke kwezwe, okwembewu yezwe noma okwezithelo zemithi, kungokukaJehova; kungcwele kuJehova.


Lanele ukusakazeka nje leli zwi, abantwana bakwa-Israyeli banikela kakhulu ngolibo lwamabele, nolwewayini, nolwamafutha, nolwezinyosi, nakuzo zonke izithelo zamasimu, baletha kakhulu okweshumi kwakho konke.


“Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho niyangiphanga. “Bese nithi: ‘Sikuphange kanjani na?’ “Ngokweshumi nangeminikelo.


Washo kubantu abakhileyo eJerusalema ukuba banike abapristi namaLevi izabelo, ukuze babambelele emthethweni kaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite