Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngalolo suku kwafundwa encwadini kaMose ezindlebeni zabantu; kwafunyanwa kulotshiwe kuyo ukuthi owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaNkulunkulu kuze kube phakade,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngalolo lusuku abantu bafundelwa incwadi yomthetho kaMose, kwafika endaweni lapho okwakubhalwe khona ukuthi akukho muntu wakwa-Amoni noma wakwaMowabi okufanele avunyelwe nanini ukuba yingxenye yebandla labantu bakaNkulunkulu,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngalolo suku bafunda encwadini kaMose ezindlebeni zabantu; futhi kwatholakala kulo ukuthi abakwa-Amoni nabakwaMowabi abayikungena ebandleni likaNkulunkulu kuze kube phakade;

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:1
22 Referans Kwoze  

Basukuma endaweni yabo, bafunda encwadini yomthetho kaJehova uNkulunkulu wabo inxenye yesine yosuku; inxenye yesine bavuma izono zabo, bakhuleka kuJehova uNkulunkulu wabo.


Futhi ngalezo zinsuku ngabona abaJuda ababezithathele abesifazane base-Ashidodi, nabakwa-Amoni, nabakwaMowabi.


Inkosi yenyukela endlini kaJehova, bonke abantu bakwaJuda nabo bonke abakhileyo eJerusalema benayo, kanye nabapristi nabaprofethi, yebo, abantu bonke, abancane nabakhulu, yafunda ezindlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano ebifunyenwe endlini kaJehova.


Ngokuba uMose unabo abashumayelayo emizini yonke kwasezizukulwaneni zasendulo efundwa emasinagogeni* amasabatha ngamasabatha.”


Sekufundiwe umthetho nabaprofethi, abaphathi besinagoge* bathumela kubo, bathi: “Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokuyala abantu, khulumani.”


Wathi kuso: “Kulotshweni emthethweni? Ufunda kanjani?”


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba baqaqile abakhulelweyo kwaGileyadi ukuba bayenze banzi imikhawulo yabo.


NgoMowabi. Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Wo kulo iNebo, ngokuba lichithekile, iKiriyatayimi lijabhile, linqotshiwe; iMisigabi lijabhile, liphelile amandla.


Funani encwadini kaJehova, nifunde; ayiyikusilala nento eyodwa kulokhu, ayikho eyakuswela umngane wayo, ngokuba ngumlomo wakhe okuyalezile, nomoya wakhe okuhlanganisile.


UThobiya wakwa-Amoni wayengakuye, wathi: “Yebo, nalokho abakwakhayo, uma kukhuphuka impungushe, iyakulubhidliza ugange lwamatshe abo.”


Kepha lapho uSanebalati, umHoroni, noThobiya inceku yakwa-Amoni, noGeshemi wase-Arabiya bezwa lokho, basihleka usulu, basidelela, bathi: “Yini lokhu enikwenzayo na? Niyakuyihlubuka inkosi na?”


Kepha lapho umHoroni, uSanibalati, noThobiya inceku yakwa-Amoni sebezwile lokho, kwaba kubi kakhulu kubo ukuthi kufike umuntu ukufuna inhlalakahle ka-Israyeli.


Wathuma izithunywa kuBileyamu indodana kaBeyori ePethori elingasemfuleni ezweni labantwana babantu bakhe ukumbiza ngokuthi: “Bheka, nampa abantu abaphumile eGibithe; bheka, basibekela ubuso bomhlaba; sebehlala malungana nami;


U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla, abesilisa nabesifazane nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite