Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 12:44 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 Ngalolo suku amiswa amadoda ukuba abe ngabaphathi bamakamelo engcebo, nabeminikelo yokuphakanyiswa, nabolibo, nabokweshumi ukuba baqoqele kuwo njengamasimu emizi izabelo ezinqunyelwe abapristi namaLevi ngomthetho, ngokuba uJuda wathokoza ngabapristi namaLevi asebebekiwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

44 Ngalolo lusuku kwaqokwa amadoda okuqapha amagumbi lapho kwakugcinwe khona izipho ethempelini; izithelo zokuqala, nokweshumi kwamabele, nokwezithelo, minyaka yonke. Lawo madoda ayehambele yonke imizi ukuyoqoqa umkhiqizo owawunikelelwa ukunakekela abaphristi nabaLevi, njengalokhu kubhaliwe emthethweni. Bonke abantu bakwaJuda babewuthokozela umsebenzi owenziwa ngabaphristi nabaLevi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

44 Ngaleso sikhathi kwamiswa abathile ukuba babe ngabaphathi bamakamelo engcebo, neminikelo, nolibo nokweshumi, ukuze kuqoqwe emasimini emizi izabelo zomthetho zabapristi namaLevi ezikuyo; UJuda wajabula ngabapristi namaLevi ababelindile.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 12:44
17 Referans Kwoze  

uma singesokukhonza, kube senkonzweni; ofundisayo, kube sekufundiseni,


kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


Ubusisiwe umuntu ongizwayo, elinda imihla ngemihla ngasemasangweni ami, ehlala ngasezinsikeni zeminyango yami.


Ngokuba indawo yawo yayingasesandleni samadodana ka-Aroni ukukhonza endlini kaJehova, nasemagcekeni, nasemakamelweni, nokuhlambulula zonke izinto ezingcwele, nomsebenzi wenkonzo endlini kaNkulunkulu,


ngokuba abalindi abane abakhulu ababe ngamaLevi babe sesikhundleni njalo, bephethe amakamelo nengcebo endlini kaNkulunkulu.


Uyakumisa u-Aroni namadodana akhe, bagcine ubupristi babo; umfokazi osondelayo uyakubulawa.”


Ayakuphiwa izabelo ezilingeneyo ngaphandle kwalokho okuvela ngokuthengisa ngefa likayise.


KumaLevi u-Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.


kulethwe endlini kaNkulunkulu wethu namazibulo amadodana ethu, nawezimpahla zethu njengokulotshiweyo emthethweni, namazibulo ezinkomo zethu nawezimvu zethu, kubapristi abakhonza endlini kaNkulunkulu wethu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite