Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 12:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Labo babe khona emihleni kaJoyakimi indodana kaJeshuwa kaJosadaki nasemihleni kaNehemiya umbusi no-Ezra, umbhali.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Labo babekhona ezinsukwini zikaJoyakimi, indodana kaJeshuwa, kaJozadaki, nasezinsukwini zikaNehemiya umbusi, nomphristi u-Ezra, umbhali.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kwakusezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJeshuwa kaJosadaki nasemihleni kaNehemiya umbusi no-Ezra umpristi umbhali.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 12:26
5 Referans Kwoze  

UNehemiya owayengumbusi, no-Ezra umpristi nombhali, namaLevi ayebafundisa abantu, bathi kubantu bonke: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; ningalili, ningakhali.” Ngokuba bonke abantu bakhala, lapho bezwa amazwi omthetho.


Lokhu kuyimpinda yencwadi inkosi u-Aritahishashita eyamnika yona u-Ezra umpristi nombhali, umbhali wamazwi emiyalo kaJehova nawezimiso zakhe ku-Israyeli, yokuthi:


u-Ezra lo wakhuphuka eBabele; wayengumbhali echwepheshile emthethweni kaMose awunikiweyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo ngokwesandla sikaJehova uNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe.


Wabusa phezu kwawo onke amakhosi kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe.


Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esasiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uJehova ayeyale ngawo u-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite