Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 12:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Izinhloko zamaLevi nazi: oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, kanye nabafowabo malungana nabo, ukuba badumise, babonge njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba malungana nesigaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 Izinhloko zabaLevi nazi: uHashabhiya, uSherebhiya noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, nabafowabo bebhekene nabo bedumisa, bebonga njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba sibhekene nesigaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Izikhulu zamaLevi zaziyizi: oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, nabafowabo maqondana nabo, ukuba badumise, badumise njengomyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, omunye komunye.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 12:24
18 Referans Kwoze  

noMathaniya, kaMika, kaZabidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBakibukiya, owesibili phakathi kwabafowabo, no-Abida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni.


Kwase kukhwela ezikhwelweni zamaLevi oJeshuwa, noBani, noKadimiyeli, noShebaniya, noBuni, noSherebiya, noBani, noKhenani, bamemeza ngezwi elikhulu kuJehova uNkulunkulu wabo.


NoJeshuwa, noBani, noSherebiya, noJamini, no-Akubi, noShabethayi, noHodiya, noMahaseya, noKelitha, no-Azariya, noJozabadi, noHanani, noPhelaya, namaLevi bafundisa abantu umthetho, abantu besezindaweni zabo.


AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa noKadimiyeli babantwana bakwaHodaviya: ngamashumi ayisikhombisa nane;


Wamisa njengomthetho kaDavide uyise izigaba zabapristi enkonzweni yabo, namaLevi ezikhundleni zawo ukuba adumise, akhonze phambi kwabapristi njengokudingekayo imihla ngemihla, nabalindisango ngezigaba zabo emasangweni ngamasango, ngokuba uDavide umuntu kaNkulunkulu wayeyale kanjalo.


Owesifazane wathi ku-Eliya: “Manje sengiyazi ukuthi wena ungumuntu kaNkulunkulu nokuthi izwi likaJehova elisemlonyeni wakho liyiqiniso.”


AbakwaJuda basondela kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, wathi kuye: “Uyalazi wena izwi uJehova alikhuluma kuMose umuntu kaNkulunkulu ngami nangawe eKadeshi Barineya.


Nasi isibusiso uMose, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantwana bakwa-Israyeli, engakafi; wathi:


ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.


Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.


Izinhloko zawoyise babantwana bakwaLevi zalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla, kwaze kwaba semihleni kaJohanani indodana ka-Eliyashibi.


nabafowabo oShemaya, no-Azareli, noMilalayi, noGilalayi, noMahayi, noNethaneli, noJuda, noHanani, bephethe izinto zokubethwa zikaDavide, umuntu kaNkulunkulu; u-Ezra, umbhali, wayengaphambi kwabo.


Wabela amaLevi athile ukukhonza phambi komphongolo kaJehova ukuba amkhumbule, ambonge, amdumise uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite