Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 11:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Onke amaLevi emzini ongcwele ayengamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Bonke abaLevi abasemzini ongcwele babengama-284.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Onke amaLevi emzini ongcwele ayengamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nane.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 11:18
10 Referans Kwoze  

Izinduna zabantu zahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza inkatho ukuyisa omunye kwabayishumi njalo ukuba ahlale eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye kweminye imizi.


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.


Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili.


baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.


“Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele –


“Amasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiprofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.


Nokho wonke umbuso angiyikuwuhlwitha, kepha ngiyakunika indodana yakho isizwe sibe sinye ngenxa kaDavide inceku yami nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo.”


Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli,


noMathaniya, kaMika, kaZabidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBakibukiya, owesibili phakathi kwabafowabo, no-Abida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni.


Abalindisango o-Akubi noThalimoni nabafowabo ababelinda ngasemasangweni babe yikhulu namashumi ayisikhombisa nambili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite